KUBUKEKA i-Orlando Pirates izohlafuna ngoJanuwari ngomgadli wayo okhuhla ibhentshi, uKwame Peprah, okuvela ukuthi ziqale phansi izingxoxo ngamaqembu afisa ukumtakula.
Bekwaziwa iCape Town City emaqenjini aseke abuza ngaye kodwa Isolezwe ngeSonto lithole nokuthi seziphinde zaqala phansi ezimumatanisa neligi yaseGreece.
Uyivumile eyaseGreece uFloyd Mbele, oyisikhulu esiphezulu kuleli qembu kodwa wacela ukubuye ashayelwe uma esebuzwa ngeminye imininingwane.
Kwale ngisho eseshiyelwa imiyalezo akabange esaluphendula ucingo lwakhe.
Obekudingeka kuMbele wukuthi ngabe kuseyiqembu noma ngamaqembu afanayo yini nalawo obekukhulunywa ngawo ngoJulayi, ukuthi afuna lo mdlali.
NgoJulayi kwakungakaziwa ukuthi uPeprah waseGhana uzokhuhla ibhentshi, into engachazeki ngaphansi komqeqeshi omusha, uJose Riveiro waseSpain.
Lokhu kwaphoqa ukuthi iPirates ibeke uR8 million ekhanda likaPeprah, obeqede isizini engumshayimagoli ohamba phambili kuyo ngayisishiyagalolunye, sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
Lo mgadli ngesizini yakhe yokuqala eNingizimu Afrika, ushaye amagoli ayisikhombisa eligi namabili asize iPirates yafinyelela kowamanqamu eCaf Confederation Cup.
Ngaphezu kwalawa magoli, okunye okuholele ekutheni iPirates ifune itshe lemali ngalo mgadli, wukuthi inkontileka yakhe iphela ngoJuni 2024 kwelase-Orlando.
Ngaphezu kwalokho, ubizelwe okokuqala esikwatini saseGhana edlala ngaphansi kwayo iPirates, emsayinise kwiKing Faisal ngo-Agasti 2021.
Yize iPirates kuyivuma ukudlala ikhadi lokuthi usasalelwe yinkontileka yesikhathi eside uPeprah, kodwa kubukeka kuzoyishaya ukuthi imkhokhela ehlezi nezihlwele ekubeni evale isikhala esibucayi, somdlali wangaphandle.
Iqembu kwiPremier Soccer League, ligunyazwe ukusayinisa abadlali abahlanu abavela ngaphandle.
Kuyimanje uPeprah kulesi sikhala ubalwa noTerrence Dzukamanja, Richard Ofori, Bienvenue Eva Nga, Olisah Nda. Kukhona noDeon Hotto okufanele ukuba usebhaliswe njengowakuleli ngenxa yesikhathi asesihlale eMzansi edlalela amaqembu okubalwa kuwo iBlomenfontein Celtic, Lamontville Golden Arrows neBidvest Wits.
Ngaphezu kwalokho iPirates inenqwaba yabagadli kwazise usebuyile ekulimaleni umgadli weBafana Bafana, u-Evidence Makgopa, osayiniswe esuka kwiBaroka ekupheleni kwesizini edlule.
Ngaphezu kukaMakgoba no-Eva Nga, omunye umgadli okwiPirates nguKermit Erasmus naye ofike ekuqaleni kwale sizini futhi okubukeka esezinhlelweni zomqeqeshi noZakhele Lepasa.
Akugcini lapho, iPirates imataniswa nomgadli waseCameroon, umkhaya ka-Eva Nga, uMarou Souaibo ozisholo yena ekhasini lakhe kwiFacebook ngeledlule ukuthi uzosayina kwiPirates ngo-2023.
UNda umataniswa neSassuolo edlala kwi-Italian Serie A kanti uDzukamanja unobudlelwano obuhle noGavin Hunt, ocija iSuperSport United.
Liyavela negama leMaritzburg United, ecijwa nguFadlu Davids, afikele kuye eyiphini lomqeqeshi kwiPirates.