Orlando Pirates (1) 3
Stade d’Abidjan (0) 0
I-Orlando Pirates izibeke ethubeni lokwedlulela kuma-quarterfinal eCaf Champions League ngokushaya iStade d’Abidjan yase-Ivory Coast emdlalweni wesine wesigaba samaqoqo kuGroup C e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo.
Amagoli aqinisekise ukunqoba kwePirates avalelwe phakathi nguRelebohile Mofokeng ngesiwombe sokuqala, Patrick Maswanganyi noDeon Hotto ngesesibili.
Ukunqoba kweZimnyama kuzibeke esicongweni sikaGroup C ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine. Zishiya ngephuzu i-Al Ahly yase-Egypt eqoqe amathathu kwiCR Belouizdad yase-Algeria emdlalweni ewunqobe ngo 1-0 ngoLwesihlanu. Ukuhlala esicongweni kwePirates, kuyibeka ethubeni lokudlulela kuma-quarterfinal. Isidinga ukwehlula iBelouizdad emdlalweni ozoba ngoJanuwari 12 e-Orlando Stadium ukuze izoqinisekisa indawo esigabeni somkhumulajezi.
Emdlalweni wangoMgqibelo, okusheshe kwaqapheleka yizinguquko esikimini sePirates. UPatrick Maswanganyi, Tshegofatso Mabasa noKabelo Dlamini bawuqalile umdlalo. UThalente Mbatha no-Evidence Makgopa abadlalanga.
Ukubophela kanje kwePirates kusheshe kwacacisa ukuthi kuzoyisebenzela njengoba ihlasele zibekwa ngoMaswanganyi, Dlamini, Mofokeng noMohau Nkota abebewuhlupho. Ngemuva kwamathuba amaningana ewatholile, ithole umvuzo ngomzuzu ka-22 ngesikhathi uMofokeng eqedela kalula umsebenzi ngokuphushela ibhola enethini ngemuva komnyakazo omuhle obuqhamuke noNkota.
Emizuzwini embalwa zibuye ekhefini, uMaswanganyi obe nomdlalo omuhle, ushayele iPirates elesibili emuva komnyakazo omuhle ebhokisini. Sekubalwa imizuzu kuphele umdlalo, uHotto owehlulwe ngamathuba ngesiwombe sokuqala, uligezile igama lakhe egadulisa amadoda esuka ngasenkabeni yenkundla walinamathisela enethini ngomzuzu ka-85.
Empeleni eZimnyama, ebeziphezulu ngomdlalo kusukela esiwombeni sokuqala, bezinganqoba ngamagoli angaphezulu kwamahlanu ukuba ziwasebenzise ngendlela amathuba eziwatholile ngenxa yobuthaka odongeni lwasemuva lwe-d’Abidjan.
IPirates izosonga isigaba samaqoqo ngowasekuhambeni ne-Al Ahly, eCairo, e-Egypt, ngoJanuwari 18.