LINGASE lihlale kuYusuf Maart ibhande likakaputeni weKaizer Chiefs eliphucwe u-Itumeleng Khune odonsa isigwebo sokuhluleka wukuziphatha.
Izolo, iChiefs ikuqinisekisile ukuthi ithathe isinqumo sokujezisa ukaputeni, uKhune futhi uzodonsa isigwebo sakhe engekho eduze neqembu.
Emasontweni adlule, kuvele ukuthi uKhune ufike eNaturena ebukhile. Nokho Amakhosi awazange aphawule ngalokho ngesikhathi kusabalele imibiko. Esitatimendeni esikhishwe yiChiefs izolo kwi-website nasezinkundleni zayo zokuxhumana, ayiphumelanga obala ngezono zikaKhune kodwa yakuveza ukuthi uzojeza futhi izomeseka ekulweni nokumhluphayo.
“Esiphethweni sokuqondisa ubugwegwe kweqembu ngesonto eledlule, ikomiti lithathe isinyathelo esinqala, lanquma ukuthi u-Itumeleng Khune akahlukaniswe okwesikhashana neqembu kuze kuba imibandela ethize iyagcwaliseka. Njengeqembu elibeka phambili ukuziphatha kahle, iChiefs iqale uphenyo lwangaphakathi emuva kokuzwa izigameko ezithile ezifaka uKhune. Uphenyo belubalulekile ukuqinisekisa ukusebenza kahle nobumbano eqenjini,” kusho isitatimende seChiefs.
Ingxenye yesigwebo sikaKhune kube wukwephucwa ibhande likakaputeni. Kusukela uKhune eqale ukuhlala ebhentshini ngenxa yokulimala noma ngezinqumo zabaqeqeshi, ibhande likakaputeni selizungeze kubadlali abahlukene. Kulaba badlali kukhona uKeagan Dolly obeyiphini lakhe, Yusuf Maart nonozinti uBrandon Peterson. Emdlalweni wangesonto eledlule neMoroka Swallows, iChiefs kade iholwa nguMaart.
“Iqembu lithathe isinqumo sokusukumela iziphambeko zakhe, wathola izijeziso okukhona kuzona ukumsusa ekubeni ngukaputeni weKaizer Chiefs. Iqembu lisaqhubeka nokugxila emidlalweni elandelayo nokulwela izinga eliphezulu. Sinethemba eliphelele kubadlali bethu, abaqeqeshi ukuthi bazoqhubeka nokugcina iqembu lisezingeni futhi liphumelele engekho uKhune,” kusho iChiefs esitatimendeni.
Ngesikhathi engazihlanganisi neqembu, uKhune uyalelwe ukuthi ahambe izinhlelo ezizomsiza akwazi ukumelana nalokhu okumhluphayo
“UKhune kulindeleke ukuthi ahambe futhi abe yingxenye yezinhlelo ezenzelwe ukumeseka ukuze akwazi ukukhula futhi athuthuke ngokwesekwa yiqembu. Lezi zinhlelo zenzelwe ukubhekana ngqo nokumsiza ukubhekana nokumelana nezingqinamba anazo ngokugqugquzela usikompilo oluhle. Iqembu libhekane nalokhu kuphuma endleleni ngokumnikeza izigwebo ezithile okuhlanganisa ukumesuka ekubeni ukaputeni weKaizer Chiefs.”
Uma ibhande likakaputeni ligcina ngokuhlala kuMaart, uzobe engaqali kwazise uyena olibambile ngesizini edlule emuva kokulimala kukaDolly ohlale yaze yaphela. Ukushaya into ephansi kukaPeterson emidlalweni yakamuva kumlahlekisele ngethuba kwazise usebuyele ebhentshini. Ngesikhathi iChiefs ibhekene neSwallows, kuvimbe uBruce Bvuma.
Ezinyangeni ezedlule, uMaart ucashunwe ethi yena akanankinga nokuthi ibhande linikezwa ubani eqenjini. Ubekusho lokuthi emuva kokuthi umqeqeshi osexoshiwe, uMolefi Ntseki, elinike uPeterson.
“Kunabadlali abangu-11 enkundleni futhi sonke singabaholi. Awukwazi ukwahlulela ubuholi ngebhande. Ngakolwami uhlangothi, ngiyamjabulela uBrandon,” kusho uMaart.
Kusasa iChiefs esendaweni yesishiyagalombili kwi-log, izobhekana nePolokwane City koweDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium ngo-3.30 ntambama.