Cameroon (1) 3
Serbia (2) 3
ICAMEROON ivuke 'isingcwatshiwe' iphuma nephuzu kwiSerbia emdlalweni wesibili wesigaba samaqoqo kaGroup G koweNdebe yoMhlaba e-Al Janoub Stadium, eQatar, ngoMsombuluko ntambama.
ICameroon ibekwe phambili nguJean-Charles Castelleto. Kodwa uStrahinja Pavlovic noSergej Milinkovic-Savic baphendulela iSerbia ngesikhathi esengezwe ngunompempe esiwombeni sokuqala.
Esiwombeni sesibili u-Aleksandar Mitrovic ushayele iSerbia elesithathu ngaphambi kokuthi uVincent Aboubakar no-Eric Maxim Choupo-Moting babuyisele emdlalweni iCameroon.
Ukuthola iphuzu kweCameroon, edliwe yiSwitzerland ngo-1-0 emdlalweni wokuqala, kuyibeka ethubeni lokudlulela esigabeni esilandeyo uma ivunwa eminye imiphumela kaGroup G. Emdlalweni wokugcina izobhekana neBrazil ngoLwesihlanu.
ICameroon ingene enkundleni sekusabalele izindaba zengxabano ekhempini yayo. Kuvele ukuthi umqeqeshi, uRigobert Song, uxabane nonozinti, u-Andre Onana, ovimbela i-Inter Milan yase-Italy bebanga ukuthi lo mqeqeshi ufuna ashintshe isitayela sakhe sokuvimba, ayeke ukuphuma epalini. Kuthiwa u-Onana, obevimbile emdlalweni wokuqala neSwitzerland, wenqabile. Lokhu kuholele ekutheni akhishwe esikimini kufakwe uDevis Ebassy odlala eSaudi Arabia.
ISerbia iyona eqale kahle umdlalo, ihlasela kodwa ihluleka ukusebenzisa amathuba. Ithuba elicacile liwele kuMitrovic kodwa ibhola lakhe lashaya ipali. Emuva kwalokho iCameroon izamile ukuziqoqa, yaqala ukuhlasela. Elinye lamathuba ambalwa ilisebenzisile ngesikhathi uCastelleto evalela phakathi ibhola kukade kuyikhona ngomzuzu ka-29. ISerbia iqhubekile nokuhlasela. Kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-45 ngesikhathi uPavlovic engqofela phakathi ibhola kukade kuyi-free kick. Emuva kwemizuzwana, uMilinkovic-Savic ushayele iSerbia igoli lesibili.
Esiwombeni sesibili, iSerbia ibuye ngomfutho ifuna ukwengeza amagoli. Ngomzuzu ka-52 iCameroon iphucwe ibhola, yaqedwa ngamaphasi ebhokisini, walivalela phakathi uMitrovic.
Izinguquko ezenziwe nguSong zisheshe zathela izithelo ngesikhathi u-Aboubakar eshayela iCameroon igoli lesibili ngomzuzu ka-63. Emuva kwemizuzu emithathu, uChaupo Moting ushaye elesithathu emuva kwebhola aligingqelwe ngu-Aboubakar.