Gambia (0) 2
Cameroon (0) 3
ICAMEROON ingene sekuvalwe amehlo emzuliswaneni weLast 16 we-Affica Cup of Nations (Afcon) ibambana neGambia emdlalweni kaGroup C obudlalelwa ePeace Stadium, eBouake, e-Ivory Coast, ngoLwesibili ebusuku.
ICameroon beyize kulo mdlalo ivele inengcindezi enkulu yokuwunqoba kumnyama kubomvu futhi ngamagoli angaphezulu kwamabili ukwenza isiqiniseko sokuthi igudluza iGuinea endaweni yesibili ukuze kube yiyona elandela iSenegal emzuliswaneni we-Last 16.
Nebala iqede endaweni yesibili kuGroup C ngamaphuzu amane ngemuva kweSenegal eqede ihlezi phezulu ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
IGuinea, eshaywe yiSenegal ngo 2-0 komunye umdlalo kaGroup C wokusonga, ikwazile ukuzibekisela indawo kwi-Last 16 ngokuba yiqembu eliqede endaweni yesithathu kangcono njengoba iqede namaphuzu amane, ibambene neCameroon.
Amagoli e-Indomitable Lions womathathu angene ngesiwombe sesibili evalelwa phakathi nguToko Ekambi, uHenri Gomez, noChristopher Wooh, kwathi aweGambia ashaywa nguJallow Koto no-Omar Colley.
Empeleni iGambia ibingawunqoba lo mdlalo ukuba iwasebenzise ngendlela amathuba ewatholile ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala lapho khona unozinti weCameroon, uFabrice Ondoa, evimbe inqwaba yamabhola amabi abethunyelwa ngabagadli beGambia ebithelwe ngezibonkolo kulo mdlalo.
IGambia, etekiswa ngelama Scorpions, nakuba igcine ihluliwe kulo mdlalo kodwa ilwe njengamabhubesi kusukela umdlalo uqala kwaze kwaba sekugcineni kodwa yayilahla ngemizuzu yokugcina ivumela i-Indomitablle Lions ithole igoli lokunqoba. elingene ngomzuzu ka-90.
Ukungadlali kahle kwe-Indomitable Lions eqeqeshwa wuRigobert Song, enqobe umdlalo owodwa kuphela esigabeni samaqoqo, kwenza kubhekwe ngabomvu ukuthi izokwazi yini ukuvuka izithintithe ishintshe ukwenza emzuliswaneni ka-Last 16 womkhumulajezi.