Richards Bay (2) 2
Stellenbosch (0) 1
KUBHEDE ekugcineni kwiRichards Bay FC egcine ihlulekile ukugwema ukuyodlala emidlalweni yokuhlunga namaqembu eMotsepe Foundation Championship phezu kokushaya iStellenbosch emdlalweni wokugcina weDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli eBay ashaywe nguNtsako Makhubela noYanela Mbuthuma esiwombeni sokuqala. Ele-Stellies libekwe enethini ngu-Iqraam Rayners esiwombeni sesibili.
IBay ingene enkundleni idinga ukucosha amaphuzu amathathu kwiStellies, bese ithemba ukuthi iRoyal AM, ebidinga iphuzu ukuze izogwema ama-Play Off, izohlulwa yiMoroka Swallows. INatal Rich Boyz kade isele ngamaphuzu amathathu kwiThwihli Thwahla. Ukuwina kwe-AM kwiSwallows kushiye iBay endaweni ka-15 kwi-log. Lokhu kusho ukuthi iBay kumele iyolwela ukubuyela kwiPremiership.
Imidlalo yokuhlunga izoqala ngoJuni 2, iphele ngoJuni 19. Kuzoqala i-University of Pretoria neBaroka. IBay izodlala umdlalo wokuqala ne-University of Pretoria ngoJuni 5.
Enkundleni, iBay ikhombise zibekwa ukuthi ifuna ukwenza umsebenzi ngokuhlasela ngokushesha nakuba iStellies kuyiyona ekhombise ukuzinza kuqala. Ngomzuzu wesikhombisa uMakhubela uqobele phakathi ibhola aligingqelwe nguYonela Mbuthuma.
Emuva kwemizuzu embalwa, kuzwakale ukuthi i-AM isilishayile igoli kwiSwallows.
IBay iqhubekile nokuba yingozi uma ihlasela nakuba bekuyiStellies ebiphatha ibhola isikhathi eside. Ngomzuzu ka-17, uMbuthuma ungqofele phakathi i-free kick kaSanele Barns. Izinto zibuye zayivuna izinto iBay ngesikhathi kuvela ukuthi uLindokuhle Mtshali useshayele iSwallows igoli lokulinganisa kwi-AM ngomzuzu ka-22. UMtshali uthole ikhadi elibomvu esiwombeni sokuqala.
Esiwombeni sesibili, iBay iqhubekile nokugcina udonga lwayo luqinile nokuba yingozi uma ibheke phambili. Imizamo yeStellies ebilandelana eduze ishaye ipali. Nokho kugcine kuyilungele iStellies ngomzuzu ka-60 ngesikhathi uRayners eyishayela igoli. Leli goli lingene ngemuva komzuzu uSabelo Sithole eyibeke phambili i-AM.
Ukwehlulwa kweStellies kusho ukuphunyukwa yindawo emqhudelwaneni iCaf Champions League kwazise igudluzwe yi-Orlando Pirates endaweni yesibili. Isizodlala kwiCaf Confederation Cup.