Congo-Brazzaville (1) 1
Bafana Bafana (1) 1
IBAFANA Bafana iyeke ithuba lokuqeda ukuqagela ngendawo yayo kweyamanqamu ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco ngonyaka ozayo ngesikhathi icazelana ngamaphuzu neCongo-Brazzaville koka-Group K ngoLwesibili ebusuku, eStade Alphonse Massemba-Debat.
Iwini ibizoqinisekisa indawo yeBafana kwi-Afcon ezobanjelwa kwelaseMorocco ngoDisemba wonyaka ozayo.
Inkundla ivulwe u-Elias Mokwana ngegoli ngaphambi kokuthi alinganise uMons Bassouamina esiwombeni sokuqala.
Kusukela iBafana yazifaka kwi-Afcon yango-2006 eyayidlalelwa e-Egypt neyayiseGhana ngo-2008, ayikaze izibekisele indawo kulo mqhudelwano kulandelana.
Kwaba wumlingo kaBroos ngesikhathi iBafana izibekisela indawo kwi-Afcon ebise-Ivory Coast ngo-2023 osekungumlando ukuthi yaqeda endaweni yesithathu kuyona.
Ukube iBafana esenethuba iwinile kwiCongo, lo mqeqeshi ubezobe ufaka leli qembu lesizwe emqhudelwaneni waseMorocco ngonyaka ozayo.
Elakuleli belingene enkundleni kade libhaxabule osokhaya ngo 5-0 kade bebhekene eNingizimu Afrika ngoLwesihlanu olwedlule.
UBroos wakusho ngaphambi kwale midlalo ukuthi angathanda ukuthi iBafana iqoqe amaphuzu ayisithupha kuyona ukuze kuzosheshe kuphele ukuqagela ngokuthi izodlala eMorocco noma cha.
Njengoba bekulindelekile, iCongo iqale ngomfutho kwazise iyona ebiwadinga kakhulu amaphuzu agcwele okufakazelwa ukuhlala kwayo emsileni weqoqo.
Ngokuhamba komdlalo iBafana iqalile yafudumala yakha namathuba maphakathi nesiwombe sokuqala ngoThemba Zwane, Mokwana noRushwin Dortley.
Ngomzuzu ka-33 uMokwana obekade eqalile ezama, uze wavulelwa amasango eshaya igoli azakhele lona.
Lokhu kulandelwe ukulimala kukaZwane ongenelwe uPatrick Maswanganyi.
Kube sengathi ukulimala kukaZwane kuyayivusa iCongo eshaye igoli lokulinganisa ngonyawo lukaBassoumanina ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala.
Bese kungathi lithelwe ngezibonkolo iqembu lasekhaya esiwombeni sesibili kwazise bese lifika kulandelana ezintini zikaRonwen Williams obevimbele iBafana.
Izinguquko zikaBroos seliyoshona azizange zithele izithelo kwazise iBafana igcine ngokucazelana ngamaphuzu neCongo.
IBafana isidinga amaphuzu amathathu ukuze isonge ngendlela yayo ebheke eMorocco ngenyanga ezayo ngowasekhaya neSouth Sudan nowasekuhambeni we-Uganda.
Komunye umdlalo waleli qoqo odlalwe khona izolo, i-Uganda izibekisele indawo kwi-Afcon ngokunqoba ngo 2-1 kwiSouth Sudan eJuba Stadium.
I-Uganda isiqhwakele eqoqweni ngamaphuzu ayishumi, ilandelwe yiBafana ngayisishiyagalombili. ICongo inamane bese kuvala iSouth Sudan eneqanda.
Sekuphakathi kweNingizimu Afrika neCongo ukuthi kuphume iqembu elizolandela i-Uganda eMorocco kuleli qoqo.