UBALE ukuzinikela kwabadlali bakhe enkundleni nokuziphatha kahle kwabo nangaphandle kwayo njengezinye zezinto eziholele ekutheni iqembu lithuthuke umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic.
Lo mqeqeshi (44) wazalelwa eGermany, wadlala njengonozinti emaqenjini okubalwa iStuttgarter Kickers, VfL Wolfsburg neBorussia Mönchengladbach eGermany, iTromso neLillestrom eNorway neSivasspor eTurkey. Uthathe izintambo kwiRockets ngo-Okthoba ka-2021 lisanda kuhlukana no-Owen Da Gama.
NgeSonto, uRamovic ufake leli qembu kowamanqamu okokuqala selokhu efikile kulona ngesikhathi liqumba phansi AmaZulu ngo 3-2 kowandulela owamanqamu eCarling Black Label Knockout.
Kowamanqamu iGalaxy izodlala neStellenbosch FC, ngoDisemba 16, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Emizuliswaneni edlule belikhiphe iMamelodi Sundowns neSekhukhune United, liyinqoba sekukhahlelwa amaphenathi yomibili imidlalo.
Uthe okube wukhiye empumelelweni yabo yindlela abanakekela ngayo abadlali uma behlanganisa izinhlelo zokuziqeqesha. Uqhubeke wathi konke abakuhlelayo ngeke kusebenze uma abadlali bengazimiseli futhi bengazigwemi izinto ezizobathikameza, njengokucwila ezinkambini ezikaFaro.
“Ngike ngasho ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi bekumqoka kakhulu ukuthi sithole abadlali ngemuva kokudayisa abayisikhombisa abebemqoka kakhulu. Indlela abadlali bethu abathengwe ngayo iqhakambisa umsebenzi esiwenzayo. Siyajabula uma abadlali bethu bephumelela,” kusho uRamovic.
“Kumele ngibonge kakhulu nosihlalo (uTim Sukazi) ngokusitholela abadlali abasebancane abasuka kwNFD nabanye abebeseqenjini lethu elincane. Siyazi ukuthi kuthatha isikhathi ukuthi iqembu lihlangane kodwa okwenziwa yilaba badlali nsuku zonke akukholakali.
“Sinesikwati esincane sabadlali abangu-23, kubalulekile ukuthi kungabibikho abalimalayo. Kufanele sibe nezinhlelo zokuziqeqesha ezihlekelile, yingakho abadlali bethu besesimeni esihle kangaka. Ngijabule ngalokho ngoba kungithathe iminyaka eyisikhombisa ukuzifundisa.
“Singakhuluma ngezinhlelo, amaqhinga nokukhalipha kodwa noma ungaba nazo zonke lezi zinto, uma abadlali bakho bengenaso isimo sengqondo esifanele, akukho ongakwenza. Uma unabadlali abavilaphayo futhi uma bengafuni ukuthuthuka, akukho ongakwenza njengomqeqeshi.
“Ngiyaziqhenya ngokuba ngumqeqeshi waleli qembu nokulibona likhula mihla namalanga. Ngenxa yokuthi siyiqembu elisha asinayo imali eningi, ngakho kumele sithole abadlali abasebancane abanekhono futhi nabo abazimisele ngokuthuthuka.
“Abukho utshwala eqenjini lami futhi awekho amaphathi. Uma ufuna ukwenza lokhu uyaphuma, anginandaba. Ileyo imfihlo yethu. Kungani siqhuba kanjalo? Ngoba uma sifuna ukuthuthuka, uma sifuna ukuphumelela, sidinga abadlali abasesimeni esihle. Umsebenzi webhola mfishane. Ungadlala iminyaka eyisishiyagalombili kuya kwengu-10, uma unenhlanhla ungadlala engu-15.
“Ngeke ubabone abadlali abaningi abafana noBernard Parker noVuyo Mere abazodlala isikhathi eside. Ungamangala uma ubuka indlela abaphila ngayo. Abadlali kumele bakuqonde lokhu, ukuthi asizile ukuzoganga. Angizange ngikhethe ukushiya umndeni wami ngize lapha ngizomosha isikhathi. Ngizosebenza ukuze ngiphumelele. Ngidinga abadlali abaseduze kwami nabo bonke engisebenza nabo ukuthi bazimisele ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.