ISITOBHA esadla izicoco neKaizer Chiefs, uDominic Isaacs, sibona kuzohamba kube nenkinga ukunikwa komqeqeshi waleli qembu omusha, uNasreddine Nabi, wonke amandla okuziqokela ibhentshi lakhe.
Amakhosi asenamasonto ezinze kwelaseTurkiye lapho ematasa khona namalungiselelo okuqala kwesizini entsha yePremier Soccer League (PSL) ngaphansi kweso likaNabi nethimba lakhe.
UNabi odabuka eTunisia, usanda kusayina kwiChiefs inkontileka yamasizini amabili enombandela wokwelula ngomunye uma zisaneme zombili izinhlangothi.
Lo mqeqeshi okuthiwa ulandelwe ukuzoqeda indlala yezinkomishi unikwe igunya lokuziqokela lonke ithimba lakhe.
UKaizer Motaung Jnr oyisikhulu seChiefs uqinisekisile ngeledlule ukuthi ukuvumela kwabo uNabi ukuthi afike namaphini amabili, uFernando Da Cruz noKhalil Ben Youssef, bekuyindlela yokumkhombisa ukuthi bazomseka ngakho konke.
Ngaphezulu kwalokhu, kukhona u-Ilyes Mzoughi, opheka onozinti, noSafi Majdi, obheke ezokuba qatha kwabadlali nabo abafike noNabi.
U-Isaacs owawina iligi, Telkom Knockout, MTN 8 neNedbank Cup neChiefs kusukeka ngo-2008 kuya ku-2012, ubona inkinga ngalokhu ngokuhamba kwesikhathi.
“Kuhle okwenziwa iChiefs futhi bekufanele kodwa uma izolanda umqeqeshi omkhulu wangaphandle kumele imbekele owakuleli eduze ngenhloso yokumncelisa ulwazi,” kusho u-Isaacs.
“Okwenziwe iSouth African Football Association (Safa) ngokusondeza umqeqeshi othembisayo wakuleli kuCarlos Alberto (Parreira), kuzalele ibhola lakuleli, uPitso (Mosimane).
“Ngiyazi ukuthi kuzobukeka sengathi ngizikhulumela mina ngoba sengaba umqeqeshi kepha angikhulumeli ngisho abake badlalela iChiefs.
“Ngikhulumela noma imuphi umqeqeshi obonwa yiChiefs ukuthi angaba ikusasa layo okufanele imsondeze kuNabi ukuze kuzothi uma esehamba kubekhona okuzosala ukugcina iqembu liqhubeka,” kuqhuba u-Isaacs.
Omunye owadlalela iChiefs kodwa ocele ukuba lingavezwa igama lakhe wenze isibonelo nge-Orlando Pirates.
“Uma kungathiwa, uJose (Riveiro), uyashiya namuhla ngeke kubanjwe kuyekwe ngoba uMandla (Ncikazi) ukhona futhi uyakwazi okusezinhlelweni.
“Enye inkinga enginayo ngalolu hlelo lweChiefs indlela yokuxhumana ezosebenza ngoba abaqeqeshi bakhuluma okunye kanti abadlali baneyabo indlela.
“Abadlali bebhola banendlela yabo yokuveza ilaka labo kodwa angiboni kuzokwenzeka kalula kulesi simo ngaphandle uma bezoqasha utolika.
“Ithimba langaphandle kusemqoka ukuba lisondezelwe okungenani umuntu oyedwa ozomela ukubagxisha ngalo lonke ulwazi abazoludinga ukucathula ebholeni laseNingizimu Afrika,” kuphetha le ngwevu nayo eyayiyisitobha saMakhosi.