UQWEQWE lomqeqeshi wezokusubatha, uMichael "Sponge" Seme, lubona uPrudence Sekgodiso (22) ezohamba ezinyathelweni zikaCaster Semenya ngokunqoba indondo nakuba ezobe eqala ukugijima kuma-Olympic Games aqhubeka eParis, eFrance.
UCaster waqopha umlando enqoba indondo yegolide ku-800m kuma-Olympic ayeseLondon, ngo-2012, naye ayeqala ukuwagijima.
Wayecijwa wuye uSeme. Akagcinanga lapho, waphinde wenza esifanayo kulandelana kuwo lo mqhudelwano nakumaWorld Athletics Championships.
UPrudence ongumkhaya kaCaster eLimpopo, usesikwatini esihlalelwe umthwalo wokugeza igama lezokugijima elonakala ngo-2021, eTokyo, eJapan. Lapha abasubathi bakuleli ababuya naneyokubika indondo. Uzongena ensimini kusasa kuhlungelwa abazodlulela kweyandulela owamanqamu.
USeme ukunguye owavumbulula uPrudence ngo-2016, e-University of Pretoria, ungomunye othipha le ntokazi ukubuya nendondo.
Selokhu kuqale lo nyaka ishisa ingabaselwe. NgoMeyi, itshengise umhlaba wonke ukuthi ithelekile kwelika-800m, inqoba imilenze emibili yeDiamond League.
Iqale ngowaseRabat, eMorocco, ishaya intambo ngesikhathi esiwu-1:57.26. Kowase-Oslo, eNorway, inqobe ngesiwu-1:58.66.
Ngaphambi kokulibhekisa eParis, iphume isibili kwiFBK Game, eHengelo, eNetherlands. Igijime esiwu-1:58.75.
Nakuba uSamuel Sepeng ongumqeqeshi kaPrudence engayizwa oyokuqhathaniswa kwakhe noCaster kodwa uSeme utshele Isolezwe ukuthi akabasoli abenza lokhu.
Uthe bobabili banesibindi esisabekayo.
"Uzoqhudelana nabagijimi bezinga eliphezulu, ngeke abuye negolide. Uzothola isiliva noma ithusi. Usezivezile ukuthi ungowezinga emhlabeni jikelele ebangeni lika-800m nakwelika-1500m. Uzohamba ezinyathelweni zikaCaster," kubeka uSeme, obekhuluma esemanzini njengoba eshonelwe unina.
Echaza ngokuthola uPrudence ogijimela iPhantane AC, uthe: "Lo mntwana wafika kwinhlolokhono yamaTuks ngo-2016. Waphuma endaweni yokugcina kwayeqhudelana nabo. Ngenxa yokubona okuthile kuye ngakhetha yena kuphela. Kwasuka omkhulu umsindo kubuzwa ukuthi ngimkhethe kanjani. Bafakwa ngenkani abayisithupha ababengaphambi kwakhe. Okwangihlekisa ukuthi laba bagcina bexoshiwe, kwasala uPrudence.“
Lo mqeqeshi owayecija noStephen Mokoka ozogijima ebangeni lika-42km kuma-Olympic, uqagele ukuthi abasubathi bazobuya nezindondo ezintathu noma ezine.
Uthiphe u-Akani Simbine ku-100m, uWayde van Niekerk kwelika-200m, intokazi uZeney Geldenhuys egijima elika-400m Hurdles ne-lerelay lika-100m.
"Sesifikile isikhathi sokuthi uSimbine ahlomule ngendondo yegolide noma eyesiliva kuma-Olympic. Ushisa engabaselwe kulo nyaka. NoWayde uzobamangaza abantu kwelika-200m. Uzoba usizo naseqenjini le-relay. Nale ntombazane yama-hurdles (uZeney) ngiyibona isibuyela nendondo.“
Imidlalo yabakuleli namuhla:
9am - Golf: Men’s Individual
Erik van Rooyen, Christiaan Bezuidenhout
11.47am - Swimming: Men’s 200m Individual Medley
Matthew Sates
5.30pm- Women’s Hockey
South Africa v Spain
8.38pm- Swimming: Men’s 200m Backstroke
*Pieter Coetze
9.11pm - Swimming: Women’s 200m Breastroke
*Tatjana Smith, Kaylene Corbett (uma bedlulile kweyandulela owamanqamu)