UNETHEMBA lokuthi uzoqhubeka nokuba yisibonelo esihle entsheni ezolandela ezinyathelweni zakhe ukaputeni wamaProteas, uTemba Bavuma.
ISt David’s Marist Inanda Secondary School, isikole saseGoli uBavuma afunda kuso kusukela ngo-2005 kuya ku-2008, siqambe inkundla yekhilikithi ngaye ngoLwesithathu.
Le nkundla ebibizwa ngeMcGregor Oval, isizokwaziwa ngeTemba Bavuma Oval.
“Ukuhlonishwa ngale ndlela yiSt David’s, okuyiyona ndawo engaqala kuyona ukuzakhela igama, kuyinto ekhethekile. Nginezinto ezimangalisayo engizikhumbulayo ngesikhathi engasihlala kulesi sikole. Yilapho uthando lwami lwekhilikithi lwaqiniswa khona, ngafunda khona ukuthobeka, ukuziphatha kahle kanye nokubaluleka kokuqina ngokomqondo,” kusho uBavuma.
"Lezo zifundo yizona ezingiqinisile ohambweni lwami lonke, kusukela kwikhilikithi yezikole kuya ekuholeni amaProteas. Ukuqanjwa kabusha kwenkundla kuthiwe iTemba Bavuma Oval kungaphezu kwegama nje, ngiyethemba ukuthi kuzoba wuphawu oluzogqugquzela umdlali wekhilikithi osemusha onephupho lokufika ezingeni eliphezulu."
UBavuma usedlale imidlalo yeTest engu-63 eqenjini lesizwe labesilisa, amaProteas. Ingu-48 eye-One Day International, ingu-36 eye-T20 International kusukela ngo-2014.
Sekukaningi egxekwa ngendlela adlale ngayo nangemiphumela yeqembu kodwa uthemba ukuthi indlela amelane ngayo nazo zonke izingqinamba izoba yisibonelo esihle entsheni ebukela kuyena.
“Ngiyethemba ukuthi zikhona izifundo abantu abangazithatha empilweni yami. Engingakusho kulaba abasebancane yinto engayitshelwa nami ngisemncane, ukuthi noma yini esenhliziyweni yakho, noma yini esemqondweni wakho, noma yini ofuna ukuyizuza, kufanele uyilwele ngakho konke onakho,” usho kanje.
“Kumele uqonde ukuthi uzobhekana nezinselelo endleleni, lokho kuyingxenye yohambo, kodwa uma uthando lwakho lwalo mdlalo luqine ngokwanele, uzokwazi ukukufeza konke okufisayo.”
UBavuma kulindeleke ukuthi ahole amaProteas uma esedlala kowamanqamu we-ICC World Test Championship ne-Australia eLord’s Cricket Ground, e-England, ngoJuni.