NAKUBA bephoxekile ngokuthi umdlalo wokuqala weNdebe yoMhlaba yeT20 neZimbabwe uphazanyiswe yimvula, umqeqeshi wamaProteas, uMark Boucher, uthi bazimisele ukubhukula emidlalweni ezayo.
Lo mdlalo obuseBlundstone Arena, eHobart, uqale sekudlule isikhathi ngenxa yemvula. IZimbabwe iwine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala. Ubusuvele wehliselwe kuma-over ayisishiyagalolunye iqembu ngalinye.
IZimbabwe ithole ama-runs angu-79 kuma-over ayo isilahlekelwe amawikhethi amahlanu. U-Wesley Madhevere ushaye angu-35 kumabhola angu-18. ULungi Ngidi uthole amawikhethi amabili, u-Wayne Parnell no-Anrich Nortje bathola eyodwa ngamunye, enye kwaba yi-runout ka-David Miller.
AmaProteas abedinga ama-run angu-80 kuma-over awo ayisishiyagalolunye futhi aqale ngegiya eliphezulu, uQuinton de Kock eshaya ngamandla amabhola, nokushiye abashwibi baseZimbabwe bebambe ongezansi.
Nokho, imvula iphinde yawuphazamisa umdlalo futhi ama-over aphinde ehliswa. Iqembu lakuleli bese lidinga ama-run angu-64 kuma-over ayisikhombisa.
Besekusele kancane lifinyelele esibalweni ebesidingeka ngesikhathi imvula iwumisa umdlalo ngemuva kwama-over amathathu.
EzikaBoucher bese zihlanganise ama-run angu-51, uDe Kock esheshise angu-47 emabholeni angu-18, kwathi ukaputeni u-Temba Bavuma wathola amabili emabholeni alinganayo.
Ngenxa yokuthi elakuleli aliwadlalanga ama-over okungenani amahlanu, umdlalo uthathwe njengongaphelanga, iqembu ngalinye lathola iphuzu elilodwa.
"Ulungiselela ukushwiba ama-over angu-20 nokubhetha amanye angu-20 kodwa izinto ziguquka ngokushesha emidlalweni yeT20. Sikhethe iqembu sazi ukuthi kungenzeka line," kusho uBoucher.
"Okuphoxayo wukuthi besingenaso isiqiniseko sokuthi sizodlala isikhathi esingakanani. Sidangele kodwa kungcono ukuthi kwenzeke manje kunokuthi kwenzeke emidlalweni engasekugcineni."
Ama-Proteas azobuyela enkundleni ngoLwesine, ngo-5 ekuseni (ngokwesikhathi sakuleli) e-Sydney Cricket Ground, ukuzobhekana neBangladesh, ehlule iNetherlands ngama-run ayisishiyagalolunye emdlalweni wokuvula wamaqoqo.
"Ngicabanga ukuthi yonke imidlalo oyidlalayo usuke uzimisele ngokuyinqoba. Siwubukile kancane umdlalo weBangladesh futhi siyazi ukuthi bawuqale kahle. Nabashwibi babo badlale kahle," kuqhuba uBoucher.
"Kuzomele siyinqobe yonke imidlalo yethu manje. Ukudlala kwiNdebe yoMhlaba kunzima kodwa siya enkundleni ehlukile manje. Siyethemba ukuthi imvula izosixolela kulokhu, sithole ithuba lokudlala nokubonakalisa amakhono ethu.
"Siwubonile umdlalo we-India nePakistan obuseSydney, kanti abanye abadlali bethu bake badlala kule nkundla ngaphambilini. Siyethemba ukuthi sizothatha zonke izinto ezinhle esizenze emdlalweni wokuqala siye nazo kowesibili."