IKOMITI lokuqoka abadlali leCricket South Africa (CSA) selilimemezele iqembu lamaProteas elizogijima kwiNdebe yoMhlaba yeT20 ezoqala ngenyanga ezayo e-Australia.
Iqembu libunjwe abadlali abangu-15 nabanye abathathu abazovala izikhala zabazolimala. Lizolibangisa e-India ukuyodlala imidlalo emithathu yeT20 ngaphambi kokuya kwiNdebe yoMhlaba.
Ukaputeni uTemba Bavuma ubuyele eqenjini lesizwe njengoba eseluleme ngemuva kokulimala endololwaneni bebhekene ne-India ngoJuni.
URassie van der Dussen usalile ngenxa yokuthi usanda kuphuka umunwe bedlala i-test yesibili bebhekene ne-England eManchester.
"URassie uphuke umunwe emdlalweni wokugcina we-test. Uhlinziwe kanti kuzomthatha cishe amasonto ayisithupha ukuthi alulame," kusho uVictor Mpitsang, oyinhloko yabaqoki.
“Ngebhadi ulimale ngesikhathi esingafanele yingakho engeyona ingxenye yalesi sikwati.
"UTemba useyadlala, useluleme kahle. Udlalile eqenjini lakhe iLions eNamibia ngesonto eledlule. Ukulungele ukudlala kulo mqhudelwano.
“Bekunzima kakhulu ukuqoka leli qembu ngenxa yokuthi sinabadlali abaningi abadlale kahle ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, okwenze ukuthi abaqoki bababhekisise.”
Abadlali abathathu abakhethelwe ukuvala izikhala zabalimele nguBjorn Fortuin, Marco Jansen no-Andile Phehlukwayo.
Umqondisi wekhilikithi kwi-CSA, u-Enoch Nkwe, ukholwa wukuthi iqembu liqine ngokwanele futhi lizolimela kahle izwe.
“Ngithanda ukuhalalisela bonke abadlali abafakwe esikwatini sokugcina kwiNdebe yoMhlaba, bonke kubafanele ukuthi babe sendizeni ebheke e-Australia,” kusho uNkwe.
"Iqembu linabadlali abanamakhono ahlukene, ababhethayo nabashwibayo futhi ziningi izindlela esingabasebenzisa ngazo. Ngiyethemba ukuthi leli qembu lizokwenza abantu baseNingizimu Afrika baziqhenye ngenyanga ezayo.
“Ngaphambi kwalokho, sinohambo olubalulekile lwase-India oluzoqala emasontweni azayo futhi luzonikeza umqeqeshi uMark Boucher neqembu lakhe ithuba lokuphothula amalungiselelo abo.”
Iqembu lamaProteas elizodlala kwiNdebe yoMhlaba yeT20:
Temba Bavuma (ukaputeni), Quinton de Kock, Reeza Hendricks, Heinrich Klaasen, Keshav Maharaj, Aiden Markram, David Miller, Lungi Ngidi, Anrich Nortje, Wayne Parnell, Dwaine Pretorius, Kagiso Rabada, Rilee Rossouw, Tabraiz Shamsi, Tristan Stubbs.