UMQEQESHI, uPitso Mosimane, akayizwa eyokwehlisa iholo okunemibiko yokuthi liyayixaka iKaizer Chiefs emfunayo.
IChiefs ithungatha umqeqeshi ozothatha lo msebenzi ngokugcwele ngesizini ezayo emizameni yokubuyela ezingeni layo. Ngesizini edlule Amakhosi aqede endaweni ka-10 kwi-log yeDStv Premiership. Lokhu akwehlanga kahle kubalandeli nasezikhulwini zaleli qembu. Sekuvele kaningi ukuthi iChiefs ifuna uMosimane azovala isikhala sikaMolefi Ntseki oxoshwe phakathi nesizini edlule, kwabanjiswa uCavin Johnson. Kuvela nokuthi leli qembu selivumelene nomqeqeshi waseTunisia, uNasreddine Nabi, oqeqesha iFAR Rabat yaseMorocco. Nokho sekusabalele ukuthi okubalekisa Amakhosi kuMosimane, osephuma kwi-Al Ahly yase-Egypt nakwi-Al Ahli yaseSaudi Arabia, wukuthi ufuna itshe lemali.
Ekhuluma kwi-Radio 2000, uMosimane uthe isithanda ukungehli kahle kuyena lento yokuthi uyabiza. Wathi umfanele umholo awufunayo.
“Abantu bathi iChiefs ngeke ikwazi ukungiholela. Sekuba sengathi nginguPep Guardiola, senginenani eliphezu kwami. Angibizi njengabaqeqeshi abaphezulu. Ngingumqeqeshi nje wase-Africa futhi ngisebenze kanzima ukufinyelela lapho engikhona. Kungani ngingeke ngibe yilokhu engisebenze kanzima ukuba yikhona nokufika lapho engikhona? Abantu bathi ‘ungumqeqeshi obizayo, kumele wehle’. Yibhizinisi leli. Ubani owehlisa uxhaso olufakwa emaqenjini? Akekho olwehlisayo. Bonke abantu bafuna ukuba ngcono nabadlali bafuna ukuholelwa kwiChiefs. Abadlali abaholi kancane. Awukwazi ukutshela umdlali kwiChiefs ukuthi ehlise umholo wakhe. Akekho owenza lokho. Abantu abehlisa imiholo yabo asebenemali eningi,” kusho uMosimane.
Njengoba uMosimane engenalo iqembu aliqeqeshayo okwamanje, kulandela ukwehlukana ne-Abha yaseSaudi Arabia ahlulekile ukuyivikisa izembe, ugxile enkulisa yakhe, iPitso Mosimane Soccer Schools, esezifundazweni ezahlukene. Kule nkulisa uqashe abaqeqeshi iningi labo ebelingabadlali esigabeni esikhokhelayo eMzansi.
“Kufanele ukuqonde ukuthi nginezingane ezingu-10 000, nginabaqeqeshi okufanele ngibaholele futhi anginabo abaxhasi. Ngizothini kubaqeqeshi bami? Yehlisani imiholo? Kunezinto okufanele ngizikhokhele. Angiyena umqeqeshi obizayo. Ngihola lokhu okufanele ngikuhole. Kungifanele lokhu engikuholayo. EMiddle East angiyena umqeqeshi obiza kunabo bonke. Angiholi ngaphezu komqeqeshi weHilal, angiholi ngaphezu komqeqeshi we-Al Ahli ongene endaweni yami,” kusho uMosimane.
Mayelana nomsebenzi wokuqeqesha iChiefs, uthe:“Yiqembu okufanele livuswe. Cabanga nje okwenzeke eBloemfontein (ukugcwala kwabalandeli emdlalweni weBafana), bengibuka. Awucabangi ukuthi kungenzeka kwiKaizer Chiefs ngoba yayikwenza. Wumsebenzi omkhulu. Kodwa uma ufuna ukuphendula iMan City ifinyelele kulento eyiyona namuhla, kufanele ufake imali. IMan United namanje kusafuhlelwa imali kuyona. Abantu abazi ukuthi yini eshintshe i-Arsenal, bazitshela ukuthi ngu-Arteta (Mikel) kuphela. Bachitha imali ngaphezu kweManchester City. Yibhizinisi lebhola.”