UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uvule isifuba ngobumqoka bendima edlalwa yiphini lakhe, uMandla Ncikazi, empumelelweni yakhe njengoba engewona umsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika.
URiveiro ofike kwiPirates ngo-2022, useyinqobise izindebe ezinhlanu waphinda wayiqedisa kwiligi endaweni yesibili amahlandla amabili kulandelana.
Inkomishi yesihlanu uyiqukule ngempelasonto edlule ngokunqoba kwiStellenbosch FC ngo 3-1 kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kusukela eqale ukusebenza kwiPirates, uRiveiro usenqobe i-MTN8 amahlandla amathathu neNedbank Cup aseyithathe kabili.
Ngesikhathi unondweba obephethe umdlalo, u-Abongile Tom, ewuqeda, lo mqeqeshi waseSpain uhlabe phansi ngedolo sakukhuleka kubukeka sengathi uhaqwe wumunyu.
Omunye wabokuqala kwabafike kuRiveiro njengoba ebeqosheme ebeke isandla ebusweni kube yiphini lakhe, uNcikazi.
Nakuba uRiveiro ephike wama ngentaba esithangamini nabezindaba ukuthi ubechiphiza kodwa uphumele obala ngobumqoka bukaNcikazi empumelelweni yeBucs eqophe umlando ngokudla isicoco seMTN8 sesithathu kulandelana.
“Akekho umuntu omqoka njengoNcikazi kimina ngoba wangibamba ngesandla ngifika wangicathulisa ngaze ngaluthola lonke ulwazi engangiludinga ngebhola laseNingizimu Afrika,” kusho uRiveiro.
“UNcikazi ulazi ukusuka nokuhlala ibhola laseNingizimu Afrika kwazise waqala ngokulidlala njengoba esengumqeqeshi.
“Uma uthola umuntu onjalo akufanele umdedele ikakhulukazi uma ungowokufika ezweni, njengesimo sami kwiPirates.
“Okwenza sisebenze ngokuxhumana yinhlonipho esinikana yona yize singakaze sihlale phansi sibucubungule ubumqoka benhlonipho. Okunye wukuthi sinomqondo owodwa wokufuna ukuyinqoba yonke imidlalo.
“Uwusizo kimina ngezinhlelo nangokuqonda isikompilo lebhola laseNingizimu Afrika. Uwusizo olukhulu ekuxhumaneni kwami nabadlali.
“Ufana nesibusiso kubadlali ngoba akukho angakuqondi ngabo ikakhulukazi laba abawumsinsi wokuzimilela kuleli,” kusho uRiveiro.