UKUKHONYA kukaLetsile Tebogo emjahweni ka-200m kuma-Olympic asanda kusongwa eParis, eFrance, kumenza abe ngomunye wabasubathi abazobe bebhekwe ngabomvu emlenzeni olandelayo we-Diamond League ozobanjelwa eLausanne, eSwitzerland, kusihlwa.
Lo msubathi waseBotswana kuzobe kubhekwe ukuthi akhombise ukuthi ucilo kawuzishayanga endukwini ngesikhathi enqoba igolide eParis, ngo-Agasti 9.
Nakuba zizobe zingekho kulo mjaho izinsizwa ezazimkakile ngesikhathi eseyolanda indondo yakhe, uKenny Bednarek noNoah Lyles base-USA, uTebogo uzoqhudelana nabanye abanejubane njengo-Erriyon Knighton no-Alexando Ogando, abaphuma endaweni yesine neyesihlanu eParis.
Abanye okulindeleke ukuthi baqinise lo mjaho ngu-Fred Kerley wase-USA no-Jereem Richards waseTrinida and Tobago.
UTebogo wamukelwe ngesasasa ezweni lakhe ngesikhathi efika nendondo yegolide kodwa naye usekubheke ngabomvu ukubuyela enkundleni.
“Iyamangalisa indlela abantu abangamukele ngayo ekhaya. Ngikholwa wukuthi akuyona impilo yami kuphela eshintshile kodwa ngiguqule impilo ezweni lakithi nakwizwekazi i-Afrika. Ngibabonisile ukuthi yonke into ingenzeka uma uzimisela,” usho kanje uTebogo esithangamini nabezindaba eLausanne, kwi-YouTube.
“Ngeke ngisho ukuthi abantu abalindele lukhulu kimina ngoba angizange ngizilolonge ezinsukwini eziyisishiyagalombili ezedlule kodwa ngizokwenza konke okusemandleni ami ukuthi ngiwulungele umjaho.”
UTebogo uthe nakuba efisa ukugcina ekhuphukele emjahweni ka-400m kodwa okwamanje uzogxila ku-200m no-100m.
“Sixoxile nomqeqeshi mayelana no-400m, wathi lokho singakwenza uma sesithole igolide naku-100m. Njengoba sesilitholile ku-200m sesizozama ukwenza okufanayo ku-100m ngo-2028 (kuma-Olympic ase-USA),” uchaze kanje.
Umjaho wabesilisa ka-200m uzoqala ngo-9.42 ebusuku eLa Pontaise Olympic Stadium.
Imidlalo izovulwa yi-shotput yabesifazane ezoqala ngo-7.45pm , usongwe nge-relay yabesifazane ka-4X100m ezoqala ngo-9.52pm.
Umzuliswano olandelayo weDiamond League uzobanjelwa eSilesia ngeSonto. Kulo mqhudelwano wangeSonto umsubathi wakuleli, uShaun Maswanganyi, uzobe engomunye wabazoqhudelana noTebogo emjahweni ka-200m.