USAFUNA ukuhlala kwiRichards Bay unozinti, uSalim Magoola, ophelelwa yinkontileka naleli qembu ekupheleni kwenyanga.
UMagoola (29) wase-Uganda, ujoyine iNatal Rich Boyz ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023 esuka kwiPretoria Callies kwiMotsepe Foundation Championship. Ulenze elakhe ijezi kuleli qembu, wahlalisa ngaphandle uMalcolm Jacobs owalisiza lanyukela kwiDStv Premiership.
Ekupheleni kwesizini ka-2022/2023, uMagoola waqokelwa umklomelo kanozinti ovelele kwiPremiershp kodwa wagcina udliwe nguHugo Marques owayedlalela iCape Town City ngaleso sikhathi.
Njengoba isizini ka-2023/2024 isisongiwe, akucaci ngekusasa likaMagoola okwavela ukuthi ufunwa yiKaizer Chiefs ezinyangeni ezedlule. Izingxoxo zenkontileka entsha bezimisiwe ngenxa yokuthi iBay ibidlala imidlalo yePSL Promotional Play-Offs egcine iyiphumelele, yagcina indawo yayo kwiPremiership.
UMagoola uthe uphatheke kahle kwiBay kodwa ikusasa alaziwa. Lo nozinti uvimbele iNatal Rich Boyz emidlalweni engu-26, wangenelwa ngamagoli angu-30. Iyisikhombisa kuphela imidlalo ephele engalilandanga ibhola enethini.
“Yiqembu elihle kodwa inkontileka yami isiyaphela. Ngihleli kahle lapha futhi bafana nomndeni kimina. Kodwa konke kuncike kwimenenja yami nomndeni wami okuyibona abazonquma ngekusasa lami. Ngiphatheke kahle ngakho konke lapha kodwa isinqumo akusona esami,” kusho uMagoola.
IChiefs ithungatha unozinti ozovala isikhala sika-Itumeleng Khune okuqinisekisiwe ukuthi ngeke esayidlalela. Leli qembu lisanda kuvuselela ngeminyaka emibili izinkontileka zonozinti ababili okunguBrandon Peterson noBruce Bvuma.
“Angibheki indaba yemali. Kodwa kuya ngenhlalo nokudlala njalo. Uma ngithola isikimu ngizojabula kakhulu. Ngingajabula futhi ukuba sendaweni ezongikhuthaza, yenze ngibange ijezi. Kodwa ngizolinda inyanga ezayo ukuzwa ukuthi ngizodlala kuphi ngesizini ezayo,” kusho uMagoola.
Uma uMagoola egcina eyifulathele iBay, uzoshiya iqembu azakhele igama kulona kubalandeli bebhola eMzansi ikakhulukazi abeBay. Umangaze iningi ngesizini edlule ngesikhathi enqaba ukudlala emqhudelwaneni iCarling Knockout Cup, ezeseka ngokuthi inkolo yakhe ayimvumeli ukuthi azimatanise notshwala. Lokhu kumfakele isigcwagcwa kubaphathi. Nokho kuphinde kwavulela ithuba unozinti osemncane uPhilasande Manqele.
Mayelana nendlela iBay edlale ngayo ngesizini edlule nokubuya kuma-Play Off, uMagoola uthe bekungeke kumlungele ukugawulwa yizembe.
“Kwehle umthwalo emuva komdlalo wanamuhla. Sikhombisile ukuthi silambile futhi sikulungele ukulwa. Asiphumulanga ngokwanele ngoba bekusibangela ukhwantalala (isimo ebesikuso). Besingakwazi ukulala, sicabanga ukuthi kungenzeka silenzele phansi iqembu. Sibonga uMdali ngokusinikeza ebesikusebenzela.”