CELANI SIKHAKHANE
A BESIZWE sabaThembu sebezwakalise ukukhathazeka ngamantombazane alesi sibongo abathi abhekene nebhadi lokungawutholi umshado nosekuholele ekutheni bahlele umcimbi omkhulu ozoba seMsinga wokuwageza isinyama.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo wekomiti labaThembu, uMnuz Vusi Mvelase, othe lesi sinqumo basithathe ngemuva kokubona ukuthi maningi amantombazane asebaThenjini aphumelele empilweni, amanye awaswele lutho kodwa angenayo inhlanhla yokuthola umshado.
“Esikutholayo wukuthi inkosi uNgoza wabaThembu owayelwa izimpi zikaShaka waze waya e-Eastern Cape, wayesebenzisa amantombazane alesi sibongo ezimpini nokwenza sibone ukuthi konke lokhu kwadala isinyama esesehlele esizukulwaneni.Yingakho sesinqume ukwenza umcimbi ozoba seMsinga ngeSonto ngo-Agasti 4, lapho sizobe sihlabe khona izinkomo nezimbuzi sigeza wonke umuntu wesifazane wakwaMthembu okungaba oyisihlobo noma ongowasekhaya,” kusho uMvelase.
Uthe kulo mcimbi bazoqale bayolanda umoya kaNgoza e-Eastern Cape njengoba sebelitholile ithuna lakhe lapho angxwatshwa khona.
Eqhuba uthe lo mcimbi uzoqala kusasa ebukhosini bakwaSigcawu lapho abazobe beye ethuneni likaNgoza bese bebuya bonke ngamabhasi balibhekise eMsinga.
Uthe uNgoza walwa izimpi eziningi noShaka nokwathi ngemuva kwalokho wafudukela e-Eastern Cape lapho afike wabulawa khona ngamaMpondo.
UNgoza bese kuphele iminyaka lingaziwa ithuna lakhe kanti kuthe ngokuhamba kwesikhathi abaThembu balithola ithuna lakhe ensimini eseduze komuzi wenkosi uSigcawu .
UMvelase uthe ngesikhathi bethola kwadingeka ukuba uSigcawu bamnike inkomo ukuze abakhombise ngoba kwase kuhluleke abantu abaningi abadala bezama ukucela ukuba bakhonjiswe kodwa uSigcawu engavumi.
Kulo mcimbi ozoba seMsinga kubhekwe amakhosi ehlukene abaThembu azobe evela ezindaweni ezahlukene okubalwa ne-Eastern Cape lapho kusabalele khona lesi sizwe.
UMvelase uthe bameme neSilo sabo uBuyelekhaya Dalindyebo osanda kuba sematheni ngokujoyina i-DA ukuba abe ngomunye wabazoza kulo mcimbi.