UMHOLI weMK uMnuz Jacob Zuma usehlise amaphaphu kulabo abajahe ukuthi leli qembu lihlalise izingqungquthela njengoba ethi abajahile ukuzibiza.
UZuma uthe esinye sezizathu zokuthi bangazihlalisi izingqungquthela yingoba abantu bakhipha imali bathenge amalungu.
“Abantu bathenga amalungu ukuthi abavotele. Sithe lokhu asifuni ukuthi kwenzeke kwiMK. Sifuna ukwakha uzinzo eqenjini lihlonishwe uwonke wonke ngaphambi kokubiza izingqungquthela. Sifuna iqembu limele abantu, yingakho singajahile ukuhlalisa izingqungquthela,” kusho uZuma.
Ukusho lokhu izolo esithangamini nabezindaba eSandton lapho bekuthulwa khona ubuholi obuphezulu baleli qembu.
UZuma uphefumule kanje kulandela ikhwelo elihlatshwe yizinhlaka ezehlukene ngaphakathi eqenjini ezifuna kuhlaliswe izingqungquthela.
Lezi zinhlaka zikhala ngokuthi ukungabikhona kwezinhlaka ezikhethwe engqungqutheleni kwenza lungabikhona uzinzo njengoba neqembu lipheka lithulule abaholi abahlukene okubalwa obengunobhala jikelele uMnuz Arthur Zwane.
UZuma ephendula umbuzo wokupheka kuthululwe abaholi, uveze ukuthi yingoba ababafuni abantu abenza izinto ezingalungile eqenjini.
“Ngithi angiwuphendule lo mbuzo wabantu ababuza ngokuphekwa kuthululwe abaholi. Ezinyangeni ezimbalwa kusungulwe iqembu sekube nonobhala jikelele abayisihlanu. Sasivele sishilo ukuthi akekho umuntu ozokwenza into engalungile bese simyeka. Sisazoqhubeka sibaxoshe abenza okungalungile. Ngiyazi bathi singamaqaba sixosha abantu,” kusho uZuma.
UZuma uveze umbono wokuthi kumele ahlangane abe yimbumba amaqembu amancane ukuze kukhululwe abamnyama.
“Amaqembu abamnyama kumele ahlangane ukuze kukhululwe abantu abamnyama. IMK yisona sisombululo ezweni yingakho kumele sihlangane singamaqembu amnyama sisebenze ukufukula abantu bakithi,” kusho uZuma.
Kulesi sithangami kumenyezelwe ubuholi obuphezulu obuholwa nguZuma njengomengameli, Dkt John Hlophe iphini likaZuma, Dkt Sifiso Maseko unobhala jikelele, iphini lakhe nguNksz Nombuso Mkhize, usihlalo kazwelonke uMnuz Nathi Nhleko, iphini lakhe nguMnuz Wilson Sibiloane, umgqugquzeli kazwelonke uMnuz Floyd Shivambu othezwe kwi-EFF lapho ebeyiphini likamengameli kuthi uMgcinimafa kube uMnuz Menzi Magubane.
UMaseko uthe ihhovisi lakhe yilona elizobe limatasa wathi bafuna ukwehlisa umthwalo obhekene noZuma.
Ukhale ngokuthi uZuma uhlangana nenqwaba yabantu kuze kuse emnyango.
Uchithe eyokuthi kukhona abavinjwayo uma befuna ukubona uZuma eNkandla.
“Umengameli umatasa, ungafika emini uze umbone ebusuku, ngendlela amatasa ngayo. Akekho ovinjwayo ukuthi ambone. Umuntu oshaya amaphiko eqenjini ngumengameli,” kusho uMaseko.
Uthe baxhumane nezinhlaka ezehlukene eqenjini mayelana nobuholi obuphezulu.
Ukhale ngamaqembu amaningi amancane wathi kunesidingo sokuthi ahlangane, asebenzisane.
“Ngeke babekezelwe abantu abazodala uqhekeko eqenjini. Ubuholi obukhona kumele buhlonishwe. Zonke izinqumo zeqembu zizokhishwa yihhovisi likanobhala jikelele.”
Uthe bayaqhubeka nokujuba abantu abanamava ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe.
“Abantu esibajubayo banolwazi namava emikhakheni ehlukene okubalwa nakuhulumeni. Sifuna abantu abakhaliphile ePhalamende. Abahola iqembu ngeke bajutshelwe ePhalamende naseziShayamthetho.”
Uveze ukuthi bazoqhubeka basebenzisane namanye amaqembu ePhalamende naseziShayamthetho.
UMaseko uchithe eyokuthi leli qembu liyistokfela sikaZuma.
“Angiyena owakwaZuma, nabanye abaningi ababona abakwaZuma. Yinto engekho ukuthi iqembu elakwaZuma.”