USAMILE ekutheni uyawaphika amacala abekwe wona ummangalelwa wokuqala kwabane, obhekene necala lokudlwengula nokubulala intombazane maqede athathe isidumbu sayo asiphonse ngaphansi kwebhuloho.
UMnuz Nkosinathi Emmanuel Ndala (23), ubevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngecala lokubulala uNksz Nonhlakanipho Buthelezi (23) owayehlala eManzimtoti.
Isidumbu sikamufi kuthiwa satholakala silahliwe ngaphansi kwebhuloho ngoDisemba 23. Ngayizolo, umufi nomngani wakhe kuthiwa babekade bephuma endaweni yokuzijuxuza eseChesterville, i-Classic Lounge.
Sebegoduka kuthiwa kwaqhamuka imoto eyacela ukubagibeza ibagodukise nabo bavuma.
Ngaphakathi kuleyo moto kuthiwa kwakukhona ummangalelwa wokuqala, uNdala, Mnuz Sphamandla Mkhulise (24), Mnuz Thulani Bhengu (24) noMnuz Talent Mbongeni Ntanzi (21).
Kuthiwa imoto yahamba ibanga elide yangabagodukisa njengoba yayithembisile, kunalokho yajoyina umgwaqo omkhulu obheke KwaDukuza, uN2.
Kuthiwa kunebhuloho abafika kulona wadlwengulwa uNksz Buthelezi, kodwa umngani kamufi wakwazi ukuphundluleka, wabaleka. Umngani kamufi kuthiwa uyena owalekelela amaphoyisa wawakhombisa nendawo yesigameko.
UNdala usesele yedwa kuleli cala njengoba laba abanye abathathu belivumile icala, inkantolo yabagweba iminyaka emithathu umuntu eyedwa ngenxa yokuvela kokuthi bona iqhaza labo kalibanga likhulu ngesikhathi sesigameko.
UNdala kuvela ukuthi uyena owamgwaza wambulala umufi ngokobufakazi obuphambi kwenkantolo.
Izolo, enkantolo uNdala ngomlomo wommeli wakhe, uqhubekile nokuliphika icala lokudlwengula nokubulala.
Owomndeni kaNksz Buthelezi, uMnuz Philani Nzuza, uthe bafuna ukubona uNdala ephelela ejele ngesihluku asikhombisa.
Uthe bathembe ukuthi inkantolo izobenza ubulungiswa imthole enecala uNdala ingagcini lapho, imgwebe isigwebo sikadilikajele.
Ngaphambilini, Isolezwe libike ukuthi unina kamufi uyehluleka ukumelana nesimo sokushona kwendodakazi yakhe. Lokhu kwakuvezwe umndeni kamufi.
Phambilini, uMshushisi u-Advocate Calvin Govender, wazwakalisa ukungenami kwakhe ngokuhamba ngonyawo konwabu kwecala. Inkantolo ilihlehlisele ku-Ephreli wangonyaka ozayo, icala.