INKOSI uNtuthukoyezwe Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, ithi undunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, iyajabula lapho ikhona uma ibuka izithelo zezithukuthuku zayo.
Lokhu ikusho ngesikhathi ikhuluma nabantu abebehambele ihlambo likaButhelezi, elikhishwe ngoMgqibelo, oLundi.
Inkosi Zuzifa ithe amagalelo kaButhelezi ayaqhubeka nokubonakala yize sekuphele unyaka akhothama.
Inkosi uZuzifa ithe uButhelezi ube nemivuzo eminingi ngesikhathi engundunankulu wamakhosi akwaZulu amathathu ehlukene.
“Uwe evuka nobukhosi bukaZulu, evika abakwabo nabezizwe.”
Inkosi uZuzifa ithe ukulwa kukaButhelezi kwamfakela amazondo waze wazondwa ngisho nangabakwabo endlunkulu kaZulu.
“Kwakuthiwa uwumuntu wakwaButhelezi. Lokhu akuzange kukuqede amandla. Waqhubeka nokuthanda indlunkulu, iminyaka engu-70 yonke.”
Inkosi Zuzifa ithe ibona amazondo ayethwelwe uButhelezi esehlele kuyona.
“Sengiyezwa manje ukuthi cha ijazi loMntwana sengiligqokile. Leli jazi loMntwana makhosi asendlunkulu linothando nenzondo. Sengibona abantu sebengizonda angazi ukuthi kwenzenjani. Ngithi angikusho lokhu ngoba ngiyazi ukuthi kusazokuba nzima kakhulu.
Inkosi Zuzifa ithe uButhelezi ubulwelwe kakhulu ubukhosi, yathi abaholi be-IFP banethuba lokubuyisa isithunzi sobukhosi njengoba umengameli weqembu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, enguNgqongoshe woMnyango wokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, bese kuthi ilungu lesigungu esiphezulu eqenjini, uMfu Thulasizwe Buthelezi, abe uMphathiswa womnyango KwaZulu-Natal.
“Uma sehluleke manje ukubuyisa ubukhosi, kungadingeka ukuthi sikhohlwe. Uma singahluleka ukukwenza manje, kuyobe kufana nokuthi kuyize leze lokhu esikwenzayo kokutusa uMntwana. Kuyofana nokuthi simkhafulele ebusweni. Ngiyaxolisa ukukusho lokhu kodwa kusuka enhliziyweni.”
UHlabisa uthe uButhelezi uhleka yedwa lapho ekhona uma ebuka imiphumela yokhetho lwangoMeyi.
Ukhetho lwangoMeyi lwalungolokuqala uButhelezi engasekho.
I-IFP yakhula kulolu khetho, yazithola ihola uhulumeni wokubambisana KwaZulu-Natal, yaphinde yaba ingxenye kahulumeni wokubambisana kuzwelonke naseGauteng.
UHlabisa uthe uButhelezi ube ingelosi enhle kubona.
“Ukhetho luchome uMntwana uphaphe lwegwalagwala.”
Undunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe uButhelezi wavulela abaholi abaningi amathuba.
“Iqiniso lithi sasingeke saziwe, sasingeke senze lutho, sasizokuba nje amadoda ajwayelekile aseVumanhlamvu.”
Ihlambo likaButhelezi belihanjelwe abantu abaqhamuka emikhakheni eyehlukene okubalwa kubo abantwana basendlunkulu, amakhosi, abameli basemajajini nezazi zamasiko.
Inqina ephume kwaPhindangene ibuye nentibane.
Ungoti wezamasiko, uSolwazi Otty Nxumalo, uthe kuqala kwakungazingelwa izinyamazane, wathi amakhosi akuqala ayezingela izitha zawo.
Isizwe sakwaButhelezi sinxuse inkosi uZuzifa ukuba ihambe ezinyathelweni zikaButhelezi.
Ibambabukhosi lesizwe, uMpikayise Buthelezi, uthe uButhelezi usenzele konke isizwe.
“Sifisa sengathi ukhamba lungafuza imbiza.”