UNYAZILWEZULU umholi webandla lakwaShembe, ngasohlangothini lwaseBuhleni, lubusise iNgonyama yamaZulu, uMisuzulu KaZwelithini. ISilo sitheleke ekomkhulu lebandla eNanda, ngezinkomo ezintathu ngenhloso yokwenza inhlambuluko. ISilo sifike eBuhleni, siphelezelwa ngabantwana noNgizwe Mchunu.
UNyazi lunxuse iNkosi uShaka, ukuba ilekelele isizwe samaZulu sibe njengoba sasinjalo ngezikhathi zasemandulo.
"Kuphele nokuhlupheka. Wonke amakhosi ake ahlala esihlalweni sasendlunkulu abesembatha leSilo esikhona. Asiphe amandla, kuchitheke nezitha, sibuse ngokukhululeka nabasondele."
UNyazi lunxuse uNkulunkulu namakhosi amadala ukuba behlisele amandla kwabasondele eduze kweSilo ukuba bengahaleli izinto zeSilo.
"Babonge abazokuphiwa yiSilo. Basebenze ngobuqotho nangokuthembeka...Uma kwenzeka, libuye izwe ngoba siyalifuna. Uzibambele hhayi kuthiwe uphathelwe," kuphetha uNyazi.
UMntwana uThulani Zulu uthe, bebezobika ngezinkomo inhlambuluko.
"Inkomo yokuqala ehambisana nembuzi, eyokuhlambulula wonke amakhosi ohlanga ake ahlala esihlalweni, kuze kufike kwekhona. Inkomo yesibili eqondene neLembe ngoba lehlisa isiqalekiso esizweni sokuthi ngeke libuswe. Namhlanje sizobika kuShembe ukuthi lesi siqalekiso asehle. Siphele esizweni," kuchaza uMntwana uThulani.
UMntwana uqhube wathi inkomo yesithathu ehambisana nembuzi, iqondene nezitha zesihlalo ukuthi ziqhele nabangazile ngezinhloso ezinhle bangabi namandla.
Uqhube wathi kusazodlulelwa ekhaya nasesizweni. "Ukuvula ukhiye wokuthi konke kuyosetshenzwa ekhaya," kuphetha uMntwana.
*Olunye ulwazi lucashunwe kwiKing Zoso Podcast.