UMASIPALA waKwaDukuza uchithe eyokuthi bekukhona utshwala emotweni yephini lemeya ebandakanyeke engozini yomgwaqo.
Okhulumela umasipala, uMnuz Sifiso Zulu, uthe i-cooler box ebonakale ezithombeni zemoto yephini lemeya ebandakanyeke engozini yomgwaqo, ibingafakile utshwala.
Imoto yePhini leMeya KwaDukuza, uMnuz Njabulo Cele, ibandakanyeke engozini, ngoLwesibili ntambama.
Ingozi yenzeke eMandeni, imoto kaCele kuthiwa ilale ngohlangothi ngesikhathi izama ukuvika imoto okuthiwa ibizama ukudlula inqwaba yezimoto endaweni okungavumelekile ukuthi izimoto zidlulane kuyo.
Ezithombeni ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala i-cooler box emotweni kaCele. Lokhu kwenze ukuthi kube khona abathi bekuphuzwa emotweni yalo mholi.
Kepha uZulu uthe i-cooler box ibifake amanzi njengoba ilanga libalela kakhulu kulezi nsuku.
“Sithanda ukuqinisekisa umphakathi ukuthi uCele akabuphuzi utshwala.”
UZulu uthe uCele ubengekho emotweni ngesikhathi kwenzeka ingozi.
“Imoto ibihamba abaqaphi bakhe. Abaqaphi abazange balimale engozini.”
Echaza ngengozi, uZulu uthe imoto iphaphalaze ngesikhathi izama ukuvika ukushayisana mahlanze nemoto ebidlula ezinye izimoto endaweni engavumelekile.
“Lo muntu ubezama ukudlula inqwaba yezimoto okubalwa kuzo neloli. Kuleli jika kunemidwebo ekhombisayo ukuthi akuvumelekile ukuba izimoto zidlulane. Imoto yephini lemeya iphaphalaze yaya esigangeni, yabe isiphenduka.”
UZulu uthe umshayeli wemoto edale ingozi akazange ame ukwelekelela ababandakanye engozini, ubalekile, wabe esehujwa omunye umshayeli obonile ngesikhathi kwenzeka ingozi.
Uthe amaphoyisa agcine ekwazile ukumbopha.
“Uthweswe icala lokushayela budedengu, elokungami ahlole umonokala kanye nabalimele emva kwengozi nelokungabalekeleli ababandakanyeke engozini.
UCele usanda kungena kulesi sikhundla sephini lemeya.
Kuke kwaba nomsindo wokuthi uhamba ngemoto eqashiwe, kepha umasipala wazithethelela ngokuthi kukhona okungalungile emotweni yomkhandlu okufanele ayisebenzise.