IBAMBA likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, lihlabe ikhwelo emphakathini ukuthi ungazishayi indiva izexwayiso ezikhishelwa isizwe ngemvula noma ukukhithika kwezulu okungase kubekhona ukuze kuvikwe izinhlekelele.
UMashatile uthe le miyalelo isiza ekutheni kuhlelwe izinto abantu bangabi sengozini.
Uzwakalise ukuzwelana nabantu abakhahlanyezwe wukukhithika kwezulu ngempelasonto, okuvale thaqa ukuhamba kwezimoto emgwaqweni omkhulu uN3 eHarrismith. Abantu bachithe izinsuku bebhajwe kuN3 kungahambeki ngenxa yeqhwa.
Iqhwa lihlasele nase-Eastern Cape naKwaZulu-Natal.
Isimo sezulu sikhiphe izidumbu, kwezinye izindawo sibhidlize izindlu zabantu.
“Kubalulekile ukuthi zilalelwe izinhlangano ezikhipha izexwayiso ngesimo sezulu ngaphambi kokuba singene ezimotweni. Kumanje amathimba ahlanganisa izinhlaka ezehlukene asami ngomumo ukusiza uma kunesimo sezulu esizokhahlameza abantu.”
Uzwelane nabantu abakhahlamezekile nabashonelwe izihlobo ngalesi sikhathi.
“Isimo sezulu ebesikhona sikhahlameze nezindawo zamagugu ezwe. Sibonga ongqongqoshe abahlukene okubalwa owamaPhoyisa nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, ngokusheshe bahlanganise izinhlaka basize abantu abebesenkingeni,” kusho uMashatile izolo ethula inkulumo emgubheni wosuku lwamagugu enkundleni yemidlalo iMeqheleng, eFicksburg eFree State.
Uthe ukuguquka kwesimo sezulu yinto okumele siphile nayo siyizwe.
“Isimo sezulu sishintshe kakhulu ngoba sekwenzeka izinto ezingakaze zenzeke phambilini. Kubalulekile ukuthi sitshale imali ebuchwephesheni besimanje obuzokwenza ukuthi sikwazi ukusheshe sibone inhlekelele siyivimbe ingakenzeki,” kusho uMashatile.
UMashatile usho lokhu nje bekunemvunge ezinkundleni zokuxhumana kukhona abakhala ngokuthi abaziswanga kusenesikhathi ngokuthi lingase likhithike bese kudaleka umonakalo.
Abanye bebekuveza ukuthi kusuka ngeledlule ubulokhu usatshalaliswa umyalezo wokuthi isimo sezulu sizoshintsha sibe sibi kakhulu kube neqhwa.
Nohulumeni wesifundazwe uzikhiphile izexwayiso kusuka ngeledlule lapho ubuveza ukuthi izinhlaka ezisiza uma kunezinhlekelele zimi ngomumo.