UDINWE ugane unwabu umphakathi waseHendrina, eMpumalanga kulandela ukuhlehla kwecala lowesilisa odabuka e-Ethopia osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka eyisithupha esitolo sakhe.
Kuthiwa umsolwa (26) ungokufika futhi ulapha ngokungemthetho kwazise akanawo amaphepha aqondile wokuba lapha.
Kuthiwa icala lenzeke ngo-6 ntambama ngoLwesine lapho ingane ibithunywe nenye esitolo umsolwa wazama ukuzibamba izingane, enye ikwazile ukubaleka kwasala le 'ayidlwengulile'.
UBrig Donald Mdhluli okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uthe icala libikwe emaphoyiseni lusetshenzwa uphiko oluphenya amacala odlame lwasekhaya, ukuvikeleka kwezingane namacala okunukubeza ngokocansi.
Umsolwa uboshwe ngoMgqibelo futhi usagqunywe esitokisini.
Icala lihlehliselwe uMsombuluko ozayo ukuze umsolwa atholelwe utolika kulendela ukuvela enkantolo ukuthi akazi nolulodwa ulimi olukhulunywa kuleli.