UKUFIKA kwabakhongi bezocela isihlobo esihle ekhweni kwanele ukunika owesifazane ilungelo lokulawula amafa alowo olobolayo, okuchaza ukuthi abomndeni kamkhwenyana abasenazwi uma engadlula emhlabeni ngaleso sikhathi.
Lokhu kuvezwe yisinqumo somxazululi wezinkinga zomshwalense, uNkk Denise Gabriels oyi-Lead Ombud ye-Life Insurance, oyalele ukuba kuvunwe owesifazane obechithwa abomshwalense ngokuthi akazilanga futhi akahlalanga emakhandleleni kushone umyeni wakhe. Lo wesifazane isinqumo sithi kufanele ayithole imali yomshwalense.
Lesi sinqumo, esingase sishukumise imindeni eminingi yabamnyama ebhekana nezimo ezinje, sithi okudingayo njengobufakazi yizincwadi zamalobolo noma izithombe zemicimbi eyenziwa kulotsholwa ukuze uphebeze izihlobo zomyeni ekugweveni namafa.
UNksz Wendy Cele, wenkampani yabameli iWendy Cele & Associates, uthe umthetho awusho lutho ngokuzila nokuhlala kumatilasi kodwa ukubeka kucace ukuthi owesifazane olotsholiwe, kwaba nencwadi yesivumelwano yemindeni, kwaphethwa wonke amasiko esintu kwaze kwembeswa, uyinkosikazi.
“Yebo, inkantolo iyasidinga isitifiketi somshado kodwa uma singekho incwadi yamalobolo, eyezibizo, izithombe nokunye okwenziwe ngokwesintu, kuba wubufakazi obusiza owesifazane uma sebemchitha abathile ukuthi ube yinkosikazi,” kusho uNksz Cele.
Udonse ngendlebe abesifazane ukuthi bahlale bewagcinile amaphepha asayinwa umndeni nabakhongi futhi bazi ukuthi uma sebelotsholiwe kufana nokuthi bashadile. UNksz Cele weluleke ngokuthi uma abantu bengafuni ukuhlanganisa amafa kumele basayine isivumelwano esicacisayo ukuthi umshado uhlukanisa amafa zingaqali izingxoxo zamalobolo. “Uma lesi sivumelwano singasayinwanga, umshado usuke uhlanganisa amafa,” usho kanje.
Odabeni obelufakwe yilo wesifazane (igama lakhe eligodliwe) umshwalense ubunqwahe nemali kamasingcwabisane ubalula ukuthi akazange azilele umyeni futhi ebengesiye unkosikazi osemthethweni kamufi njengoba ebengenaso isitifiketi somshado kodwa enencwadi yamalobolo.
Bebenezingane ezimbili, umufi abezondla nyanga ngokufaka imali kwi-akhawunti yasebhange yalona wesifazane. Bebehlala ndawonye kusukela ngo-2011, futhi nonina kamufi ukufakazele lokhu.
Uthe yize bebengasahlali ndawonye futhi engamzilelanga kodwa lokhu akusho ukuthi umufi ebengesiye umyeni wakhe.
Umxazululi, uNkk Gabriels akazange ayikhiphe imininingwane yokuthi umufi ushone nini, owakuphi nokuthi umndeni ubuzothola malini njengoba ihhovisi lakhe lingakwenzi lokhu. Kodwa ukuvezile ukuthi umufi ushone ngokugula.
Owesifazane uye wachaza ukuthi wathuthela kwesinye isifundazwe emuva kokuthola umsebenzi ongcono kodwa ubevakasha ekhaya likamufi ayokwenza okulindeleke kuye njengomfazi.
Umshwalense ubulokhu umile ekutheni ngeke ukhokhe ngoba uma uphenya uthole ngabathile ukuthi unkosikazi akazange amzilele ngokuhlala kumatilasi umyeni.
Oyisazi samasiko, uSolwazi Jabulani Maphalala, uthe akusilo isiko ukuhlala kumatilasi noma emakhandleleni uma owesifazane eshonelwe umyeni futhi ukungakwenzi lokhu akufanele kubukwe njengehlazo.
“NgokwesiZulu, inkosikazi eshonelwe wumyeni yayingasigqoki isicholo, ingazilungisi izinwele. Yayibonakala kanjalo ukuthi ishonelwe ngumyeni. Ngisho amakhosikazi ayeganele esithenjini ayenza lokhu. Umndeni wawunquma isikhathi sokuzila bese kuba nehlambo, kugezwe wonke amalungu omndeni nenkosikazi eshonelwe wumyeni. Emuva kwalokho, yayigqoka isicholo sayo ilungise nezinwele,” kusho uMaphalala.