IZIHLATHI zivakashela izindlebe kwabanezikweletu njengoba iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) liphinde layehlisa ngo-25 basis points imalimboleko.
Lokhu kusho ukuthi izosuka ku-11.5% iye ku-11.25%.
Umphathi weSarb uMnuz Lesetja Kganyago, uthe wonke amalungu athatha izinqumo ngemalimboleko avumele ukuba yehliswe ngo-25 basis points.
Njengoba imalimboleko yehla isiwu-11.25% kusho ukuthi inzalo ekhokhwa ngabanezikweletu isizoqala ku-7.5% njengoba ibiwu-8%.
UKganyago uthe abazange baluphathe nakanye udaba lokwehlisa imalimboleko ngo-50 basis points.
“Akusikona ukuthi sifuna ukuntswinya abantu bakuleli kodwa izinqumo esizithathayo sisuke sizenzela bona. Yebo amandla emali ayadlondlobala njengoba eseku-2.8% kodwa sibheka nokunye okwenzeka ezweni nasemhlabeni jikelele. Sisakhathazekile ngokuthi ugesi uyabiza. Siyabheka nezimpi eziqhubeka kwamanye amazwe ezinomthelela emnothweni womhlaba jikelele,” kusho uKganyago.
Isazi somnotho saseFNB, uNkk Mamello Matikinca-Ngwenya, sithe bebevele belindele ukuthi imalimboleko izokwehla ngo-25 basis points ngenxa yokudlondlobala kwamandla emali.
Uthe balindele ukuthi yehle ngomunye u-25 basis points emihlanganweni elandelayo yeSarb kuze kube wuMeyi wonyaka ozayo.
UMnuz Bradd Bendall wenkampani ebolekisa ngemali kwabathenga izindlu iBetterBond, naye uthe bebewulindele u-25 basis points okwehliswe ngawo.
Uthe lokhu kuyizindaba ezinhle ngoba kuzolekelela abakhokhela imizi abangazange babe nohlelo lokukhokha imali ethile namabhange abo (fixed rate).
Ubalule ukuthi lokhu kuzogqugquzela nabafuna ukuthenga imizi ukuthi bangene emakethe njengoba ukwehla kwemalimboleko kusho ukuthi ngeke bakhokhiswe inzalo enkulu.