UPHENYEKE izinqe uMuzikawukhulelwa Sibiya ongummangalelwa wokuqala ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, ngesikhathi ufakazi eveza ukuthi wayekhona eGauteng ngo-2014 ekubeni ethe wayengekho.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus, eGoli ngo-2014.
USuperintendent Chupye Christopher Matlou ongumphenyi kwiRoad Traffic Management Corporation (RTMC), ufakaze walahla uSibiya.
UMatlou uveze ukuthi uSibiya wayeseGauteng ngo-2014 waze wafaka isicelo sokubhala ukuhlolelwa izincwadi zokushayela.
“NgoJulayi 17, 2014 wabhala ehlolelwa izincwadi zokushayela eBrakpan wafeyila. Waphinda wafaka esinye isicelo ngalolo suku esefuna ukubhalela eBoksburg. Wabhala ngoSepthemba 15 waphasa,’’ kuchaza uMatlou.
Ummeli wommangalelwa wokuqala osewamxosha, uMnuz Sipho Ramosepele, phambilini wathi uSibiya wayengekho eGauteng ngonyaka okwabulawa ngawo uMeyiwa.
URamosepele wathi uSibiya waphelelwa wumsebenzi, wahamba ngoMashi 2013 wabuyela kwelakubo KwaZulu-Natal waze wabuyela eGauteng ngo-2015.
UMshushisi u-Advocate George Baloyi uthe ubize lo fakazi ngamabomu ukuze aveze ukuthi uSibiya wakhuluma amanga.
UMatlou uphinde waveza ukuthi ummangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli wayenemoto iVW emhlophe ebhaliswe ngaphansi kwegama lakhe kwabezokuthutha.
Izitatimende zokuvuma amacala zabamangalelwa, ziveza ukuthi babehamba ngeVW Polo emhlophe ngesikhathi kuyosocongwa uMeyiwa.
Kuvela nokuthi leyo moto yayishayelwa wuyena uNtuli okuthiwa wafika wasala ngaphandle komuzi okwadutshulwa kuwona uMeyiwa.
Ufakazi uveze ukuthi uNtuli wayehamba ngayo le moto ngoFebhuwari 2, 2016 ngesikhathi emiswa yiphoyisa elambhala ithikithi.
Ufakazi uthe uNtuli uphinde avele emabhukwini abo ukuthi wayehamba ngayo ngolunye usuku emiswa amaphoyisa ophiko lweJohannesburg Metro, nawo ambhala elinye ithikithi.
UMatlou uthe uyafunga uyagomela ukuthi amarekhodi abo awashayi eceleni futhi lokhu akwethule enkantolo kuyiqiniso elimsulwa.
Ummeli u-Advocate Charles Mnisi, uzamile ukuphebeza ukwethulwa kobufakazi ekhala ngokuthi abanikwanga ngesikhathi isitatimende sikafakazi. Abanye abameli bathe bona banikwa kusenesikhathi.
Leli phuzu libangiwe kakhulu kodwa ijaji lanquma ukuthi ubufakazi buqhubeke. Kulindeleke ukuthi abameli baphose imibuzo kuMatlou ngoMsombuluko uma icala selibuyela enkantolo.