INDODAKAZI yomholi weMK, uJacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, iqokelwe esikhundleni esibalulekile ePhalamende lase-Afrika, iPan African Parliament.
UNkk Zuma-Sambudla uqokelwe kwesikasihlalo wezithunywa eziqhamuka emazweni aseNingizimu yezwekazi.
Uqokwe emhlanganweni wePan African Parliament oqhubekayo, wehlule uSotswebhu omkhulu ePhalemende lakuleli, uMnuz Mdumiseni Ntuli, ngamavoti angu-17 kwangu-12.
IPhalamende lase-Afrika lihlukaniswe kahlanu, isifunda esiseNingizimu, esiseNhla, esiPhakathi, esiseMpumalanga nesiseNtshonalanga.
Emazweni aseNingizimu kukhona iBotswana, Eswatini, Malawi, Mozambique, Namibia, Ningizimu Afrika, Lesotho, Zambia neZimbabwe.
UNkk Zuma-Sambudla ubhale ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana i-X, ezwakalisa ukujabula kwakhe.
“Ngivumeleni ukuba ngiphinde ngizethule kini, usihlalo omusha wezithunywa zamazwe aseNingizimu ezijutshwe kwiPan African Parliament, gwaza Mkhonto.”
INingizimu Afrika inezithunywa ezine ePhalamende lase-Afrika, okunguNkk Zuma-Sambudla, Ntuli, uMnuz Vuyani Pambo we-EFF noMnuz Mergan Chetty weDA.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe kusho lukhulu ukuqokwa kukaNkk Zuma-Sambudla.
“Ubuholi beMK buyakholelwa ebuholini babantu besifazane. Siyakholelwa ekutheni abantu besifazane kufanele baqokelwe ezikhundleni ezibalulekile ezwenikazi. Njengeqembu siyabuthemba ubuholi bukaNkk Zuma-Sambudla, asikungabazi ukuthi uzowenza ngendlela encomekayo umsebenzi wakhe.
“Siyazi ukuthi uzobeka phambili izidingo zabantu basemazweni aseNingizimu yezwekazi. Simufisela inhlanhla njengoba ezothatha uMkhonto wakhe ayolwela abantu abacindezelekile.”
UNdhlela uthe le sikhundla simfanele umuntu weMK.
“Kuyasijabulisa ukuthi sithi singakaqedi nonyaka sasungulwa, bese sithola isikhundla sikasihlalo wamazwe aseNingizimu ye-afrika. Njengeqembu elibeka phambili izidingo zabantu base-Afrika, igcagcele esokeni ngokunikwa ithuba elifana naleli. Le sikhundla sisinika ithuba lokuthi sizakhele igama.”