BESE zimbili izincwadi zesivimbelo ezenzelwe umzukulu ogcine enquma uninakhulu, wamqoba, washisa izinsalela zesidumbu sakhe eNsuze, eKranskop.
Umufi, uNkk Fikile Mkhize (72) kusolakala ukuthi umsolwa (29) umbulale kuzosa kube uLwesibili olwedlule, ngoba indodakazi yakhe imgcine ngoMsombuluko odlule ntambama.
Ngokusho kwendodakazi kamufi, uNkk Delisile Fulela baqale ukuqaphela ngawo uDisemba 31 ukuthi kukhona okushaya amanzi.
“Kwakumele afike kodwa kwangenzeka. Ntambama ngathumela izingane ukuthi ziyombheka, zangamthola. NgoJanuwari 1, ngithumele umyeni wami ukuthi ayobheka naye, wabuya elandula, ethi akekho,” kusho uNkk Fulela, othe umyeni umtshele ukuthi uqaphele ukuthi umbhede ubungandluliwe.
Uthe ngoJanuwari 2 unikele khona mathupha, wafica umbhede ungakandlulwa.
“Ngimbuzile umsolwa ukuthi uphi umama, waqale waqamba amanga wathi akamazi, ubezitshela ukuthi ukwami,” kusho uNkk Fulela.
Uthe uvele waphuma wayohlaba umkhosi komakhelwane, abambheke yonke indawo umufi.
Uthe baphinde babuya bezocingisana ekhaya, nokuyilapho bebone khona amachaphazelo egazi echosheni lombhede kamufi naphansi.
“Endlini edilikile, engasasebenzi, sizithele phezu kwenqwaba yamathambo angagcwala isaka lempuphu eliwu-25kg. Abesolisa, nomlotha wakhona ubungajwayelekile,” kusho uNkk Fulela.
Uthe ngeleso sikhathi umphakathi ubusumvimbezele, kulindwe amaphoyisa.
Kuthe ebuzwa amaphoyisa ngamathambo, wathi awengulube.
“Ziyime emthumeni amaphoyisa esethi akaveze ibhodwe abeyipheka ngalo. Ugcine evuma kuwona ukuthi umbulele,” kusho uNkk Fulela.
Echaza ngezincwadi zesivimbelo, uthe zombili ezanyakenye.
“Eyokuqala, kwaqala kwaba sengathi uyayihlonipha kodwa kwathi sekuwusuku lwasenkantolo - wangafika, kwakhishwa eyesibili. Yingemva kwayo ke lapho evele wamkhiphela khona ummese, wathi uzomnquma,” kusho uNkk Fulela.
Uthe yilapho evele wamthatha khona unina ukuthi azohlala naye lapho eganele khona.
“UKhisimusi nje uwudle kwami umama. Kodwa emva kwawo uqale wezwakalisa ukuthi akathandi ukuthi owakhe umuzi usewushiyile,” kusho uNkk Fulela.
Uthe bagcine bevumelana ngokuthi ekhaya uzoya eseyolala ngoba sikhona esinye isihlobo esisuke sesibuyile emsebenzini ebusuku.
“Ngosuku lwesigameko, isihlobo besiziyele kubangani njengoba bekuyisikhathi sobumnandi, ulithole lapho ithuba lokubulala umama,” kusho uNkk Fulela.
Uthe umsolwa uzalwa udadewabo, kodwa ukhuliswe wuye emva kokushonelwa unina emncane.
Uveze ukuthi ubebhema insangu.