UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi bazozinqoba izinkinga ababhekene nazo.
Uthe bazovuka bazithathe emva kokuhluleka ukunqoba ukhetho lukazwelonke ngonyaka owedlule.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele ejele elisesiqhingini, iRobben Island, okwakuboshwe kulo izishoshovu ze-ANC nabanye ababelwela inkululeko.
Kubaholi abadonsa isikhathi eside kuleli jele kubalwa nowayengumengameli wokuqala woMbuso wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, nabanye abaholi.
URamaphosa uthe ukuhambela eRobben Island kubavuselele kakhulu, wathi bazobukela kubaholi ababeboshwe kuleli jele.
URamaphosa uthe abaholi ababeboshwe kuleli jele banqoba izinkinga ababebhekene nazo ngesikhathi belwela inkululeko.
“Sithumela umyalezo othi noma ngabe iziphi izinkinga esibhekene nazo, sizodlula kuzo njengoba senza phambilini. Njengoba kwenza abaholi ababeboshwe lapha, abakwazi ukunqoba izinkinga ababebhekene nazo, nathi sizodlula kulezi zinkinga esibhekene nazo.
“Uhambo lwalapha lusivuselela kabusha njengenhlangano, siyagqugquzeleka. Uhambo lwanamhlanje lusikhumbuza ukuthi ababeboshwe lapha banqoba kunzima, nathi sizonqoba njengoba nabo baphumelela.”
URamaphosa uthe bazimisele ukwakha kabusha i-ANC, wanxusa ukuba kube nobumbano enhlanganweni.
“Abaholi ababeboshwe lapha babekwazi ukubaluleka kokubambisana. Babazi kahle ukuthi babengeke bakuthole ababekulwela ukube abazange babe yimbumba.”
I-ANC izoba nomcimbi wokugubha usuku eyasungulwa ngalo.
Lo mcimbi obizwa ngeJanuwari 8 uzokuba ngoMgqibelo, esifundazweni iWestern Cape, eKhayelitsha. Kulo nyaka kuphela iminyaka engu-113 kwasungulwa i-ANC.
Lena kuzokuba iJanuwari 8 yokuqala kusukela i-ANC yahluleka ukunqoba ukhetho olwedlule ngamalengiso njengoba isibusa ngokubambisana namanye amaqembu angu-10, futhi kusanda kuphela iminyaka engu-30 i-ANC yathatha izintambo zoMbuso.
URamaphosa uthe embikweni wakhe azowethula ngoMgqibelo uzochaza ngabakwenzile kule minyaka engu-30 bephethe.
“Kulesi sitatimende sizophinde siveze esizokubeka eqhulwini kulo nyaka siphinde sinxuse amalungu e-ANC ukuba abe ingxenye yombhidlango wokushintsha impilo yabo. Sibheke eminyakeni engu-114. Sizimisele ukuqhubeka sisebenzele abantu baseNingizimu Afrika. Ngeke siphumule uma kusekhona abantu abangakayitholi inkululeko yezomnotho.”