SISHIYE kukhalwa isiphepho esinamandla esihlasele eNewcastle ngoMsombuluko ebusuku sacekela phansi izindlu zabantu nengqalasizinda.
Ngokwemibiko ekhishwe nguMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, akekho umuntu oshonile ngenxa yesiphepho.
Imizi eminingi iphephukelwe wuphahla kwathi eminye yafelwa amawindi ngesikhathi kuhlasela lesi siphepho okuthiwa besihambisana nemvula enamandla.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe sebejube ithimba labo lezinhlekelele eNewcastle ukuba liyohlola umonakalo ngemuva kokuhlasela kwesiphepho.
‘’Izindlu eziningi zicekeleke phansi ngenxa yalesi siphepho. Izindawo ezishayeke kakhulu iMadadeni, oSizweni nezindawo zasemakhaya,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe ithimba labo lezinhlekelele libambisene nelikamasipala wakhona eNewcastle lenza konke okusemandleni alo ukuhlinzeka ngosizo abagilwe yisiphepho.
“Sifisa ukuzwakalisa ukuzwelana kwethu nomphakathi waseNewcastle. Siyabonga ukuthi awukho umphefumulo ophumile,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uxwayise imiphakathi ukuthi ihlale iqaphile njengoba kungena ihlobo elihlale liba nezimvula ezinamandla ezihambisana nesiphepho.
Uthe yizindawo zasemakhaya ezivamise ukushayeka kakhulu uma kunezikhukhula
neziphepho.
“I-KZN ngesinye sezifundazwe esivamise ukukhahlanyezwa yizimvula neziphepho ezivamise ukudlula nemiphefumulo yabantu,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe enye yezinto ezibanika inkinga wumbani ovamise ukuhlasela ezindaweni zasemakhaya, ulimaze abantu.