SEZIPHENDUKE imihhume yezigebengu izindlu zomxhaso zikahulumeni, osekuphele iminyaka eyevile kweyishumi zashiywa kanjalo zingaphelile, eMnambithi kuMasipala wase-Alfred Duma.
Lolu hlelo lokwakhiwa kwazo kuthiwa lwadla izigidi, kanti kwakumele kwakhiwe izindlu ezingu-504. Zevile ku-100 ezisakhiwe kanti ezinye ebeseziphelile sezize zacekelwa phansi ngamanye amalungu omphakathi kwantshontshwa izicabha namawindi osekwenze zaphenduka izidleke lapho kuhlala khona izigebengu.
Elinye ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe elicele ukungadalulwa, lithe ngesikhathi bebhalisela uhlelo lwalezi zindlu ezingaphelile, ezakhiwe ku-ward 9 eMbulwane naku-ward 27, lalisafunda emabangeni aphansi kodwa kuze kube yimanje akucaci ngalo.
“Indlu yayibhaliswe udadewethu ngenhloso yokuthi mina nezingane zakhe ezimbili siphume siyozihlalela kuyo ngenxa yokuthi sibaningi ekhaya kanti asinazo izindlu ezanele. Uze washona ngo-2017, sengikhulile kwaphoqa ukuthi indlu ingene ngaphansi kwegama lami, kodwa akukho okuqhubekayo,” usho kanje.
Uthe lezi zindlu ezigudle umgwaqo sekusabeka nokudlula ngakuzona kwazise sekuyindawo okubhaca kuyo izigebengu njengoba ebusuku kuvele kube mnyama kwesabeke.
NgoLwesibili, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uDkt Ntuthuko Mahlaba kuthiwa uhambele kulezi zindawo eyobheka ukuthi yini eholele ekutheni lolu hlelo lungaqhubeki.
Imizamo yokuthola ukuphawula komnyango ayiphumelelanga njengoba owukhulumelayo uMnuz Mlungisi Khumalo ethembise ukuthumela isitatimende esinemininingwane ephelele ngokuhambela kukaMahlaba kuleya ndawo, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela singakathunyelwa.
IMeya kulo masipala, uMnuz Zama Sibisi, ithe luyakhathaza kakhulu uhlelo lokwakhiwa kwezindlu njengoba kuma- ward amaningi lungaqhubeki.
“Sinalo ithemba lokuthi njengoba ungqongqoshe kade ekhona lapha, uzozigcina izithembiso zakhe. Lezi zinhlelo ezidla izigidi, zidala ubuhlungu kubantu njengoba abanye sebeze bashona besalindele ukungena ezindlini. Namanje kusashiya imibuzo ukuthi kuzokwenzekani ngezindlu osekuze kwashona abanikazi bazo zingakaqedwa,” usho kanje.