UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, usola unobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, ngokushaya udaka kwe-EFF KwaZulu-Natal ngesikhathi kunokhetho lwangoMeyi.
UMalema uthe ukudembesela kukaShivambu ikhona okwenza ukuthi i-EFF ilahlekelwe amavoti KwaZulu-Natal.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nezithunywa ezizoya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-EFF ezokuba ngoDisemba.
UShivambu wayejutshwe ukuba ahole umkhankaso we-EFF wokhetho KwaZulu-Natal, ngaleso sikhathi wayeyiphini lomholi kule nhlangano.
I-EFF yathola izihlalo ezimbili esiShayamthetho okhethweni olwedlule, yayinezihlalo eziyisishiyagalombili ngaphambi kokhetho.
Emva kokhetho uShivambu ujoyine iMK.
UMalema uthe kwabamangaza ukubona uShivambu esejoyina iMK okuyiqembu elasusa i-EFF ekubeni iqembu lesithathu ngobukhulu njengoba isiyiqembu lesine ngobukhulu.
“Kukhombisa ukuthi uwusomathuba ukushiya iqembu owalisungula uye kojoyina iqembu elisanda kwedlula iqembu lakho okhethweni.”
UMalema uthe kwaba khona ukudembesela okukhulu KwaZulu-Natal, wathi basola isandla semfene.
“Mhlawumbe sikhulunyiswa ukungazi uma sithi umuntu esasimjube KwaZulu-Natal wayedembesela. Kungenzeka ukuthi yena wayazi ukuthi i-EFF izoshaya udaka KwaZulu-Natal. Kungenzeka ukuthi wakhetha ukuthula ngoba vele wayesesithathile isinqumo sokunikela nge-EFF ezitheni.”
UMalema uthe baze bathatha isinqumo sokumsusa uShivambu KwaZulu-Natal, bajuba unobhala jikelele, uMnuz Marshall Dlamini.
“Ngenxa yokuvikela isithunzi sakhe, asishongo ukuthi siyamsusa. Sathi siyalandisa ithimba elijutshwe KwaZulu-Natal ekubeni sasazi kahle kamhlophe ukuthi siyamsusa, simjuba e-Eastern Cape. Kuyamangaza ke namhlanje ukumuzwa ehambe ekhuluma kabi ngathi ekubeni samvikela kangaka.”
UMalema uphikise okuke kwashiwo uShivambu kamumva, kokuthi badukiswa abezindaba ukuba bazonde umholi we-MK, uJacob Zuma.
UMalema uthe okushiwo uShivambu akusilona iqiniso, wathi uZuma ukhohlakele.
Uthe abasoze bayijoyine iMK.
“Ngeke sithi sivala iqembu lethu bese siyojoyina iphupho lekhehla elina-82 esingazi ukuthi lihloseni. I-EFF isazoqhubeka nokuzimela.”
Ubuholi be-EFF bebusezindaweni ezahlukene kule mpelasonto njengoba kulungiselelwa ingqungquthela.
UDlamini, obeKwaZulu-Natal nase-Eastern Cape, uchithe imibiko ethi ilungu lesigungu esiphezulu, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, alivumelekile engqungqutheleni ezokuba seGauteng.