ABAZALI nothisha kuzomele bavivele ukudonsa ngejoka lensimbi ngenxa yezindleko zemfundo ngemuva kokugejulwa kwesabelomali soMnyango wezeMfundo eyisiSekelo.
Lona ngumbono kaMengameli wenyunyana yothisha i-National Teachers Union, uMnuz Sibusiso Malinga, othe ukuncishiswa kwesabelomali kuzogcina sekushaya kuzwele nakubazali.
UMalinga ubenanela inkulumo kaNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, obephawula ngalesi simo esithangamini nabezindaba ePitoli izolo.
UNksz Gwarube uthe izifundazwe ezahlukene kuleli, zidinga imali ephakathi kuka-R350 million no-R3.8 billion ngonyakamali, ukuvala izikhala zothisha ezivulekile.
UMalinga uthe: “Ukungatholi kwezikole izincwadi ezanele, kuphoqa ukuthi abazali bathenge izincwadi ukugcwalisela. Isimo semisebenzi siyabheda, lokho kusho ukuthi uma abazali bengakwazi ukuthenga izincwadi ingcindezi enkulu isala nothisha. Ukungaqashwa kothisha kuphinde kwengeze umsebenzi kwabasuke besebenza njengoba begcina sebefundisa izifundo ezengeziwe okungathikameza imiphumela ezikoleni.”
UNgqongqoshe uthe inhloso yesithangami ukuvezela umphakathi izinkinga lo Mnyango obhekene nazo kulandela ukwehliswa kwesabelomali onikwa sona.
UNksz Gwarube uthe emasontweni edlule iminyango yezemfundo ezifundazweni iveze ukuthi ibhekene nengcindezi enkulu ngenxa yokushoda kwemali.
“Ingcindezi isibekhona iminyaka ngenxa yokwehliswa kwesabelomali esinikwa le minyango. Isimo somnotho esingesihle nokungaphathwa ngendlela kwemali kuhulumeni kugcina kuba nomthelela omubi ezikoleni. Ukuncishiswa kwemali enikezwa iminyango kuholela ekwehleni kwesibalo sothisha abaqashwayo, ukuncishiswa kwezincwadi zesikole, ukuncipha kwesibalo sabasebenzi abalekelela ngemisebenzi yasemahhovisi ezikoleni okuholela ekutheni othisha bazenzele lowo msebenzi, okulimaza isikhathi sokufundisa. Konke lokho kubeka ikusasa lezingane engcupheni,” usho kanje.
Ukusho lokhu nje, uMnyango wezeMfundo esifundazweni i-Western Cape usuvele umemezele isinqumo sokwehliswa ukuqashwa kothisha ngonyaka ozayo ngenhloso yokuhambisana nesabelomali esincishisiwe, okusho ukuthi othisha kuzodingeka bafundise ikilasi elinesibalo esikhulu sabafundi.
UNksz Gwarube uthe ngeshwa lokhu sekukapakela nakwezinye izifundazwe ngenxa yesizathu esifanayo.
Uthe eminyakeni emibili noma emithathu ezayo, iminyango ezifundazweni izothola kunzima ukuvala izikhala zothisha ezivulekile ngesabelomali enaso, ngaphandle uma kukhona imizamo engenziwa ukugwema lesi simo.
“Isibonelo nje ngonyakamali u-2025/2026, izifundazwe ezine zizobhekana nobunzima ekuqashweni kothisha, ngo-2026/2027 zizoba nhlanu bese kuthi ngo-2027/2028 zibe yisikhombisa izifundazwe ezizobhekana nalesi simo,” usho kanje.
UNksz Gwarube uthe eminyakeni emihlanu eyedlule, isibalo sabafundi sikhule ngo-292 820, kanti ukukhula kwesibalo sabafundi esothisha singakhuli kuphazamisa izinga lemfundo etholakala ezikoleni.
Nakuba kunjalo, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngenyanga edlule ukhangise izikhala zothisha ezevile ku-700, ukufakwa kwezicelo okuvalwe ngoLwesihlanu.
UNksz Gwarube uthe ukubhekana ngqo nalesi simo, uhlangane nabaphathiswa bomnyango kuzona zonke izifundazwe ukubheka ukuthi yiziphi izinselelo isifundazwe nesifundazwe esibhekene nazo. Uthe ucele umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe woMnyango wezeziMali.
Ukhale ngokukhula kancane komnotho kuleli okuthiwa kungaphansi kuka-1%, nenkohlakalo okuthiwa isidle imali engu-R1.5 trillion phakathi kuka-2014 no-2023 okunomthelela omubi emnothweni. Uthe uhulumeni kumele ubeke eqhulwini iminyango ebalulekile inikezwe isabelomali esithe xaxa ukuqinisekisa ukuthi ikhipha imiphumela egculisayo.