SIKHULU isililo kwabesifazane abadayisa ngemizimba. Bakhala ngamaphoyisa asebaphendule idili likaMkhipheni, azitika ngabo ngokuya ocansini ajike angakhokhi, ngisho indibilishi.
Abadayisa ngomzimba bethule izikhalo ngoLwesihlanu esithangamini ebesihlelwe yiSishayamthetho saKwaZulu-Natal, e-Olive Convention Centre, eThekwini.
Abaqwayizi bathi amaphoyisa asebenzisa ukuthi ukudayisa ngomzimba ukuze kuyiwe ocansini akukho emthethweni, bese nawo egcine ephula umthetho. Bathi amaphoyisa abathatha sakubabopha bese engabayisi esiteshini kodwa ayolala nabo abalaxaze ngemuva kwalokho.
Omunye wabadayisi uNksz Mandisa Shabalala, uthe uhulumeni kufanele angenelele abalamulele emaphoyiseni abaxhaphazayo.
“Bathi vele sifuna amadoda ngoba sima emigwaqweni. Bayasithuka benze konke abakuthandayo. Bayasishaya noma basidubule ngezinhlamvu zenjoloba. Siyasebenza thina, kubuhlungu ukuhambe ulala namadoda ongathandani nawo uyibeke esifubeni uyithwale. Siyacela bakithi, sikhathele amaphoyisa adlala ngathi,’’ kukhononda uNksz Shabalala.
Omunye wabo uNksz Lungile Mbuyana, uthe uke wathi enekhasimende lakhe kwaqhamuka amaphoyisa amthatha azula naye, base bemshikashika ngocansi maqede bamshiya kanjalo, bahamba.
“Iphoyisa alinqeni nje, ukuza kuwe lithi licela ukukweleta. Ulizwele, ulinike bese ngakusasa uma usufuna imali, likwedelele. Sicela kuzwakale ukukhala kwethu,’’ kukhalaza uNksz Mbuyana.
Abadayisi bagcizelele ukuthi kumele kube semthethweni ukudayisa ngomzimba.
Obemele amaphoyisa uBrigadier CS Ngubane, osehhohhivi lesifundazwe, uziphendulile izikhalo. Uthe abahlukunyezwayo banelungelo lokubika.
“Ukudayisa ngocansi akukho emthethweni futhi amaphoyisa amelwe wukwenza umsebenzi wawo ngendlela efanele nesemthethweni. Uma esesha umuntu kufanele azethule amcele kahle ngenhlonipho. Uma umuntu ehlukumezekile angayocela umphathi wesiteshi achaze udaba lwakhe luyosukunyelwa,’’ kusho uBrigadier Ngubane.
USomlomo weSishayamthetho uNksz Nontembeko Boyce, uthe banomthwalo wokuhlonipha amalungelo abantu ngendlela efanayo noma ngabe benza msebenzi muni. Uthe akekho umuntu okufanelwe azizwe sengathi akayona ingxenye yomphakathi noma acindezelwe.