AKUBONA bonke ubugebengu obungaqedwa ngokubopha, obunye kudinga ukuthi kubhekwe umsuka wabo okungaba izifo zengqondo nokunye.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uGeneral Bheki Cele, ngesikhathi ekhuluma nabazalwane esontweni, iKwaMashu Christian Church, ngeSonto.
Uthe lokhu ukushiso ukuthi umnyango wakhe nyakenye ngoMeyi, usungule umkhankaso owaziwa ngokuthi i-Operation Shanela oqapha ubugebengu obenzeka ngoLwesine ntambama kuya ngoMsombuluko ekuseni.
"Kusukela ngalesi sikhathi kuboshwe abantu abangu-550 000. Ngikhuluma ngamacala amakhulu afana nokubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukudlwengula, ukubamba izimoto zemali,“ kusho yena.
Uthe ngekota eyodwa okungu-Okthoba kuya kuDisemba, izibalo zobugebengu zikhomba ukuthi kudlwengulwe abantu besifazane abangu-4 990. Iningi labo lidlwengulwa ngabantu ababaziyo kubo okukhona nezelamani.
"Asikwazi ukuthi singathi ukudlwengula udadewenu kungasonjululwa ngejele. Kumele sikubheke nokuthi kunezifo zengqondo ezihlasele abantu bakithi. Iningi lazo ziqale ngesikhathi kuhlasela iCovid-19. Kuningi obekungelona isiko-mpilo yethu okwenzekile. Singabantu abamnyama sazi ukuthi owakithi oshonile kumele simphelezele. Sime eduze kwebhokisi sikhale, sivalelise. Ngesikhathi seCovid-19 bekwenzeka kungavumeleki ukuthi nisondele eduze kwesidumbu somuntu wakini ngoba kwesatshelwa ukusabalala kwegciwane.
“Leyo nto idale ukuphazamiseka okukhulu emindenini. Ngaphezu kwalokho, abanye baphelelwe imisebenzi, zonke lezi zinto ziyayiphazamisa ingqondo. Siyafisa ukuthi abelapha izifo zengqondo basondele ngoba uma kungenjalo kusho ukuthi kuzogcwala amajele," kusho uCele.
Uqhube wathi ilokishi laKwaMashu liyisidleke sezigebengu.
“Isidleke saKwaMashu ihostela, empeleni wonke amahostela anobugebengu kodwa elaKwaMashu ledlulele. IKwaZulu-Natal yonke inezigebengu eziningi. Uma kuboshwe izinkabi noma kuyiphi ingxenye yezwe ezinye zazo kuyavela ukuthi zidabuka kulesi sifundazwe,” kubeka uCele.