I-ANC isiveze ukuthi elakuleli linobudlelwano obude nezwe laseMelika (USA), yathi nokhetho lukamengameli lakuleliya lizwe libaluleke kakhulu.
Lokhu kuvezwe yiPhini likaNobhala Jikelele kuKhongolose, uNkk Nomvula Mokonyane, ekhuluma nabezindaba kulandelwa ukusongwa komhlangano wekomiti lale nhlangano lezobudlelwano namazwe omhlaba.
Bekubhungwa ngezinto ezithinta imigomo namazwe angaphandle kwakuleli.
UNkk Mokonyane uthe iMelika ngenye yamazwe asebe nentando yeningi isikhathi eside.
“Yingakho lubalukile nakuthina siyiNingizimu Afrika, eyokhetho lwaseMelika. Sibheke ngabomvu ukuthi ngubani ozokhethwa ukuhola leliya lizwe.”
Uthe abantu baseMelika kubalulekile ukuthi baphume ngobuningi babo, bayovota.
Umqhudelwano wokuphatha iMelika uphakathi kukaMnuz Donald Trump weqembu ama-Republican oke waba ngumengameli waseMelika.
Ubanga nePhini likaMengameli, uNkk Kamala Harris, weqembu i-Democrat.
Sekusele usuku ngaphambi kokuphela kwamaphupho eMelika njengoba ukhetho lukusasa.
UNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe, uMnuz Ronald Lamola, uthe iMelika yizwe elibaluleke kakhulu ngasezintweni ezithinta uhwebo.
Uthe noma kuthiwa kuwina muphi umholi, bazoqhubeka nokuba nobudlelwano obuhle naleliya lizwe.
“Siqinile isisekelo esinaso neMelika. Sisebenzisana kahle ngakho akuzoba nenkinga noma kuthiwa kuwina luphi uhlangothi.”
Mayelana nezithinta ukusebenzisana kwamaqembu kuhulumeni wokubambisana kuleli, uNkk Mokonyane uthe kuhle wathi bambalwa abaholi kwi-DA ababonakala benempethu yokuphazamisa.
“Buhle ukusebenzisana kuhulumeni ngoba akekho uNgqongqoshe we-DA nowe-ANC kwiKhabhinethi. Bambalwa kwi-DA ababonakala befuna ukufaka unyawo kodwa nje ngaphandle kwalokho, buhle ubudlelwano. Kunokuhloniphana kwabaholi kuhulumeni.”
Uthe i-ANC iyona ephethe kuhulumeni njengoba kuyiyo eyamema amanye amaqembu ukuba yingxenye.