ABANTU abahlala ezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku, bachithe impelasonto bethungatha amanzi ngoba aphelile ngoLwesihlanu.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebekhala ngokungathunyelwa kwezimoto ezithwala amanzi futhi abasakwazi ukusebenzisa indlu encane. Bathi amakhansela abelokhu ebathembisa ukuthi izimoto zamanzi zisendleleni.
UMasipala ukhiphe isitatimende uchaza ngenkinga eholele ekutheni kuhambe amanzi isikhathi eside. Wagqugquzela abantu ukuba bonge amanzi ngoba zomile izinqolobane eziwagcinayo ngenxa yomonakalo owenzeke esikhungweni, iDurban Heights Water Works.
Ngempelasonto abantu bebekhala ngokuthi abanawo amanzi eChatsworth, Northdene, Crossmoore, Luganda, Nagina, Seaview, Hillary, Bellair nakwezinye izindawo.
Esitatimendeni esikhishwe wuMasipala weTheku, uthe isizathu sokuthi kwehle amanzi athunyelwa kubantu kungenxa yomonakalo owenzeke emapayini amakhulu athumela amanzi abizwa ngo-aquaduct 1 no-aquaduct 2. Lokhu kwenza ukuthi amanzi asuka eDurban Heights Water Works, abe mancane bese nezinqolobane zikamasipala ezithumela amanzi empompini yabantu zibe namanzi amancane.
Ukubhekana nesimo umasipala uthe uzothumela amaloli athwala amanzi ezindaweni ezingenawo.
Amakhansela ezindawo ezithintekayo ebelokhu ebazisa abantu ukuthi izinqolobane ezigcina amanzi zomile ngenxa yokuncipha kwamanzi avela eDurban Heights, nokuthi amaloli athwala amanzi asethunyelwe emawadini abo.
UMasipala ucele abantu ukuthi bonge amanzi wathembisa ukuthi asethunyeliwe amaloli azosiza umphakathi. Ucele abantu ukuthi babekezele ngesikhathi wenza imizamo yokubuyisa amanzi ezindaweni ezithintekayo.
Abangenawo amanzi bacelwa ukuthi bashayele u-080 311 1111
Noma bathumele u-whatsapp ku-073 1483 477, bangathumela ne-email: [email protected]
Abantu bebekhala ngokuthi sebewathenga ezitolo amanzi ngenxa yokuthi amaloli athunyelwayo, awafiki kuzo zonke izindawo.
Ikhansela likaward 65 eBelliar, uNksz Samantha Windvogel, lithe izolo umasipala ugcine uyithumele imoto yamanzi kule ndawo kanti izakhamuzi bese zihlale kusukela ngoLwesihlanu zingenawo amanzi. Ucele abantu ukuthi babekezele ngoba inkinga ingaphezu kwamandla abo.
“Ngebhadi inkinga esibhekene nayo njengoba izinqolobane eziwagcinayo zomile ngenxa yomonakalo owenzeke esikhungweni iDurban Heights Water Works, ingaphezu kwamandla ngakho sicela abantu babekezele,” kweluleka uNksz Windvogel.
Khonamanjalo umasipala ucele abantu abanqanyukelwe wugesi ukuthi babekezele ngesikhathi amathimba akhe ewulungisa.
Ucele abaphelelwe wugesi ukuthi babike ngokushayela u-0803111111 noma bathumele u-whatsapp ku-076 791 2449 noma i-email [email protected].
Izolo ugesi ubungekho KwaNyuswa, Pinetown, Ntuzuma G, Mariannheights, Umlazi Q, Verulam, Sunduzwayo/Tshehlophe Mdumezulu/Nungwane, Prospecton, Folweni, Moriah, Mount Edgecombe, Springfield, Desainager, Cato Manor, Maydon Wharf, Umzinyathi, Umdloti Beach naseWestville.