KUDLULE emhlabeni ngokuminza abesilisa ababili ngesikhathi benza umcimbi wokugeza emfuleni uMvoti, KwaDukuza, ngoLwesithathu.
Laba abesilisa abaneminyaka engu-23 no-27, kuthiwa babhekane nobunzima ngesikhathi benza umcimbi wokugeza base beyamuka.
I-IPSS Search and Rescure, KDM Marine Safety, Durban SAPS Search and Rescue neMhlali K9 Search and Rescue, bazamile ukubathungatha ngasosebeni lomfula usuku lonke. Bekunendiza enophephela emhlabe ebilekelela.
“Ngebhadi laba besilisa bebengakatholakali futhi uphenyo kuphoqeleke ukuthi lumiswe ngenxa yesimo sezulu esingesihle,” kusho i-IPSS Search and Rescue.
Kwenzeka lokhu nje, imifula ingenisile ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, ngenxa yemvula enamandla.
Izangoma zezulu zakwaSouth African Weather Service zikhiphe isexwayiso ngemvula enamandla engadala izikhukhula kulesi sifundazwe.