‘ASIYILE ePhalamende ukuyosinisa amahleza, asibona futhi ondlavini, siye ngenhlonipho.’
Lokhu kushiwo ngumholi weqembu uMkhonto weSizwe ePhalamende, uDkt John Hlophe, othe noma bezohlonipha ozakwabo kodwa ngeke bakuvumele ukuchukuluzwa.
UHlophe owayengumengameli wamajaji eWestern Cape, uthe bayawazi umthetho futhi bazosebenza ngawo ukuze ushintshwe.
“Size la ukuzosebenza, hhayi ukuzosinisa amahleza. Sizokwenza konke silandela umthetho wezwe nakuba sifuna kushintshwe izinto ezithinta wona umthetho. Asizile ukuzodlala ipolitiki eshibhile. Njengomuntu owazi umthetho, siyawazi amalungelo ethu njengabantu abadala,” kusho uHlophe kulandela ukufungiswa kwamalungu aleli qembu angu-58 ePhalamende, eKapa izolo.
UHlophe owayengekho ohlwini lokuqala lwabantu abajutshwe yileli qembu ePhalamende, uveze ukuthi owayengumengameli wezwe ne-ANC uJacob Zuma, nguyena ongumengameli weMK.
“Sifuna ukuqeda ngemithetho esilawulayo njengoba sifuna ukulawulwa owase-Afrika. Sifuna umhlaba ubuyele ngaphansi kwamakhosi. ENgilandi, umhlaba ungaphansi kweNgonyama yakhona kodwa akukho okonakele emnothweni wakhona,” kusho uHlophe ekhuluma nabezindaba.
Ubalule ukuthi bazoba yiqembu eliphikisayo besebenzisana namanye amaqembu amancane.
“I-DA isikuhulumeni ngakho ayiselona iqembu eliphikisayo. Sifuna kucacele noma ngubani ukuthi ngeke siwuyeke umshikashika wasenkantolo wokuphikisana nemiphumela yokhetho njengoba sesifungisiwe.”
Ohlwini lweMK labafungisiwe kukhona abebevele bebhekiwe nabasha.
Kwabebevele bebhekiwe kubalwa indodakazi kaZuma, uDuduzile, okhulumela leli qembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uMnuz Des van Rooyen owaduma ngokuqhoqhobala izinsukwana isikhundla sikangqongqoshe wezizeziMali kuleli, noMnuz Sipho Mbatha owayekwi-EFF.
Abanye abafungisiwe kubalwa uMnuz Andile Mngxitama umengameli weqembu iBlack First Land First, owayeyilungu lePhalamende emele i-EFF, uMnuz David Skosana, umyeni ka-Advocate Busi Mkhwebane, owayenguMvikeli woMphakathi kanti manje uyilungu lePhalamende emele i-EFF.
Omunye ofungisiwe ngobengungqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko, uMnuz Zizi Kodwa, owasula esikhundleni ngoba ebhekene necala lenkohlakalo.
Ekhuluma nesiteshi sethelevishini izolo, uKodwa uthe bekumele afunge ngeledlule kodwa wabambeka.
“Ngiyilungu le-ANC njengoba ngiwunombolo 25 ohlwini lwabamele le nhlangano ePhalamende. Yingakho ngizile ngazofunga,” kusho uKodwa ngamafuphi.
La malungu afungiswa nje, kulindeleke ukuthi uqale umsebenzi wePhalamende njengoba namhlanje kuqala imihlangano ehlukene.
Izoshintsha impilo kumalungu amasha ePhalamende njengoba amanye awo abetohoza kanti amanye abengatohozi.
La malungu asezolala noR1.274 million ngonyaka, kuthi umholi weqembu eliphikisayo ahole uR1.792 million ngonyaka.
Azothola neminye imihlomulo njengoba ezohlala ezindlini ezikhokhelwa abakhokhi bentela eKapa.
Lezi zindlu zinefenisha kanti amanzi nogesi kumahhala kuzona.
La malungu azotetemuka ngamabhanoyi mahhala nezingane zawo.
Azokwazi ukugibela amabhanoyi izikhawu ezingu-88 bhusende aphinde abe nezinkontileka zocingo.
Izingane zawo ezineminyaka engaphansi kwemibili zizondiza mahhala izikhawu ezingu-60, kuthi ezineminyaka emibili kuya kwengu-18 zingandiza kawu-12.
Awakhokheli ukupaka ezikhumulweni zezindiza, izingane zawo zihanjiswa bhusende zisuka lapho ehlala khona eKapa ziya ezikoleni.