KUVELE ukuvunana kwezitatimende zabamangalelwa ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa nezofakazi bombuso ababesendlini ngobusuku besigameko.
Ofakazi bebelokhu bemile ekutheni kwangena amadoda nokuyiwona adubula uMeyiwa.
Kufundwe izitatimende zabamangalelwa kwavela okwashiwo wofakazi kwaze kwavela nezinsolo zokuthi uKelly Khumalo wakhipha uR100 000 ethenga izinkabi.
UMeyiwa owayeyintandokazi ye-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe ewumculi uKelly eVosloorus, eGauteng ngo 2014.
Amaphoyisa athi ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uBongani Ntanzi, bawavuma amacala basayina nezitatimende. Abamangalelwa bese beziphika izitatimende bethi baphoqwa ukuzisayina kodwa inkantolo yanquma ukuthi zizosebenza.
Iphoyisa uLieutenant Colonel Solomon Raphadu elathatha isitatimende kuNtanzi, lisifundile enkantolo.
URaphadu uthe wathatha isitatimende kuNtanzi ngoJuni 2020 esiteshini samaphoyisa eMoroka lapho ayeqeqebula khona.
Uqhubeke ngokuthi uNtanzi wabhala ukuthi washayelwa ucingo wummangalelwa wesine uMnuz Mthokoziseni Maphisa, emazisa ngomsebenzi ophuthumayo wokubulala uMeyiwa. Isitatimende siveza ukuthi uNtanzi wasuka eNorth West waya eGoli.
Kuvela ukuthi bahlanganela ehostela eVosloorus lapho okwaxoxwa khona ngokubulala uMeyiwa.
“ Bangitshela ukuthi uKelly Khumalo ukhiphe umsebenzi wokuthi kubulawe uSenzo Meyiwa. Savumelana sahamba ngezikhathi zantambama, ngangena ngaphakathi noCarlos owafuna imali namaselula.
“UMeyiwa wagxumela uCarlos balwa wadubuleka umufi, mina ngaphuma namaselula nemali,’’ kusho isitatimende.
UNtanzi uthi wanikwa uR15 000 njengenkokhelo waphindwa ngoR30 000 awunikwa wummangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli.
Elinye iphoyisa uColonel Mhlanganyelwa Mbotho elathatha isitatimende sikaSibiya libiziwe nalo lachaza kabanzi ngaso.
Esitatimendeni sikaSibiya kuvela ukuthi kwaqala kwayiwa enyangeni kuyochithwa amathambo ukuhlola ukuthi kuzohamba kahle yini.
Isitatimende siveza ukuthi inyanga edabuka eSwatini, yabatshela ukuthi konke kumhlophe abahambe.
“Abangani bami bangithinta bathi kunomsebenzi abawunikwe wuKelly ufuna kubulawe uSenzo uzokhokha uR100 000.
“Saqala kumkhulu sahlola sakhokha uR50, wasinika umuthi namabhande ukuze siqine. Sabuye samkhokhela uR5 000 umkhulu emuva komsebenzi,’’ kusho isitatimende sikaSibiya.
Uthe baxoxa ukuthi babezokwenza sengathi kubanjwa inkunzi bese bedubula uMeyiwa. Sebesendleleni beya ukuyosebenza uthe uKelly wabashayela ebabuza ukuthi bayeza yini.
Icala liyaqhubeka enkantolo ngoMsombuluko.