UBANJWE eMidrand, eGoli, umsolwa waseMariannhill obefunelwa amacala abucayi, uMnuz Linda Hlongwa obaziwa ngelikaPutin noma uMjinja.
UHlongwa ubanjwe emuva kokusebenzisana kwamaphoyisa aKwaZulu-Natal nawaseGauteng.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa bebemfuna phansi phezulu kanti uboshwe ntambama eMidrand.
Uthe ubefunelwa amacala ahlukene okubalwa kuwo nawokubulala.
"Ubelokhu ebalekela ingalo yomthetho kusuka ngoJulayi 2020 emuva kokuhluleka ukuvela enkantolo ngamacala athinta ukutholakala nezibhamu kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni. Ubefunelwa namacala amabili, elokubulala intombi yakhe kanjalo nonina wentombi, isehlakalo esenzeka ngoMashi 2025."
Uthe kuthiwa uMjinja ubebuye afune ngodli imali kulabo abathutha izingane zesikole kanjalo nakubanikazi beziphaza eMariannhill.
"Sibonga umphakathi okuyiwo osincinze indlebe eyenze ukuthi aboshwe. Sinxusa bonke abagebengwa nguMjinja ukuthi baye esiteshini samaphoyisa bayovula amacala ukuze kwenziwe ubulungiswa," usho kanje.