IZWAKALISE ukungagculiseki ngokungaqini kwecala loMbuso, iNkantolo yeMantshi yaseMbumbulu, idedela ngebheyili isishoshovu soMkhonto weSizwe Party (MKP) esisolwa ngelokudlwengula, sikhulelise indodakazi (19).
Lona wesilisa waKwaMakhutha, ongagcini ngokuba yisishoshovu se-MKP kuphela, kodwa ophinde abe yilungu le-Community Policing Forum (CPF), udedelwe ngebheyili ka-R1 000.
Imantshi, uNkk Moodley, ngaphambi kokumdedela ngebheyili, ithe icala loMbuso kalinaso isisindo.
Lona wesilisa kuvele ngaphambilini ukuthi udla imishanguzo ye-HIV, kanti kungahle kwengezwe icala lokuzama ukubulala uma kuvela ukuthi usulele ngegciwane umgilwa.
“Esisenakho okwamanje ukuthi umgilwa uthi umsolwa umdlwengule waze wakhulelwa. Ngapha umsolwa uphika ulala ngomhlane. Lokhu kusho ukuthi kuseyinkombakombane njengoba nemiphumela yolibofuzo ingakabuyi,” kusho uNkk Moodley.
UNkk Moodley uveze ukuthi ebufakazini kuvele ukuthi umsolwa ngaphambi kokuba adlwengule umgilwa, wathi “Ngifuna ukukufundisa ukuthi umfana nentombazane balwenza kanjani ucansi.”
Kuthiwa waphinde wathi “ufuna ukuyishintsha ibe yintombazane (eqondile)” njengoba kuthiwa yase iphumele obala ngokuthi yona ithanda amanye amantombazane (lesbian).
Uthe umsolwa wabuye watshela umgilwa ukuthi akangakhathazeki, ngeke akhululelwe ngokuthi ulale naye ngoba unguyise.
Kuvele ukuthi wamsabisa ngokuthi uma ike yamceba indodakazi, kukhona okubi okuzoyivelela, nebala yangayithi vu.
“Uze wagonyuluka uma sekubonakala ukuthi ukhulelwe, nakhona lapho wangakhuluma iqiniso eliphephele futhi kwangaba bikho cala elivulwayo,” kubeka uNkk Moodley.
Ube esemsola umgilwa, ethi ayikho into ephathekayo eyadala ukuthi kungabi bikho muntu ampotshozela ngesehlakalo njengoba nomsolwa wayengazange acacise ukuthi hlobo luni lwento embi ezomvelela umgilwa uma emceba.
Uthe akakholwa ukuthi umgilwa uwumuntu osabayo ukuphumela obala ngezinto ezibucayi njengoba akwazi ukuphumela obala ngaphandle kovalo emndenini wakhe ngokuthi yena uphila impilo yokuthanda amanye amantombazane.
Uphinde wasola nonina kamgilwa, ethi kwathi noma esetholile ngezinsolo zokuthi umsolwa udlwengule umgilwa, wangaya emaphoyiseni ukuyobika masinyane.
“Wamfonela, wambuza ukuthi umdlwenguleleni umgilwa? Umsolwa waphendula ngokuthi kwenzeke edle amanzi amponjwana. Uyaxolisa, ngeke kuphinde,” kusho uNkk Moodley, othe unina kamgilwa waqhubeka wangathatha zinyathelo yize umsolwa esephendule kanje.
“Ngoba unina kamgilwa ukwazile ukumqonda ngqo umsolwa ambuze ngesigameko, lokho kudweba esinye isithombe sokuthi akasiye umuntu abamsabayo. Okuchaza ukuthi umgilwa wayengabika ngesigameko siqeda kwenzeka, angalindi izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba asho,” kusho imantshi.
Yengeze ngokuthi okusho ukuthi ukuba wayengazange akhulelwe umgilwa, wayezogcina engabikanga ngokudlwengulwa kwakhe.
Kuvele ukuthi umgilwa wacela ukuthi sikhishwe isisu ngokusemthethweni, kwathathwa umbungu wayiswa eLaboratory ePitoli, ukuze kwenziwe ulibofuzo.
Phakathi kwemibandela abekelwe yona umsolwa, kuthiwe akumele alubhade lapho kuhlala ngakhona ummangali, kufanele ayosayina njalo ngoLwehlanu esiteshini samaphoyisa saseFolweni, bese engaxhumani nomgilwa nonina. Imantshi ithe uma ephula le mibandela, uzokhalelwa amasongo kaSigonyela.
Umshushisi woMbuso, uMnuz Ngxongo, uthe uMbuso usadinga isikhathi ukuze uqhubeke nophenyo, imantshi yase ilihlehlisela uMashi 12, icala.