UZIMISELE ngokubamba iqhaza ekulweleni amalungelo abantu besifazane umfundi ka-matric (17) ophila nebala elimhlophe ozomela iNingizimu Afrika engqungqutheleni ezobhunga ngezinkinga zabesifazane.
UGoldgirl Phakathi ofunda eNqabakazulu Comprehensive High KwaMashu uthe ufisa sengathi abantu besifazane bangafunda ukuzethemba kukho konke abakwenzayo bazi ukuthi ukuba ngabantu besifazane akubenzi babe ngaphansi kwabesilisa.
UGoldgirl ungomunye wabafundi abahambele ingqungquthela ezobe iseNew York, iCommission on the Status of Women 2018 ehlelwe yi-United Nations.
Lo mfundi, ohambe izolo, kulindeleke ukuthi abe kule ngqungquthela kusukela ngoMashi 12 kuya ku-23 nonyaka.
Uthe njengoba ephila nebala elimhlophe uzithole ecwaswa ezindaweni ezithile okubalwa kuzo nasesikoleni ngenxa yokuthi abanye abafundi bebengaqondi ngabantu abaphila nebala elimhlophe.
Lo mfundi uthe okumqinisa idolo wukuthi umphakathi aphuma kuwona KwaMashu kwa-J awuzange umcwase. Uthe lokhu kumenze wakhula engazizwa enesici futhi engenza noma yini eyenziwa ngabantu abalingana naye.
Uthe ufisa sengathi nabantu besifazane bangafunda kulokhu bazi ukuthi noma kungaba khona abazobacwasa kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke besakwazi ukwenza noma yini abafisa ukuyenza. Njengoba esengqungqutheleni kulindeleke ukuthi akhulume ngezingqinamba ezicindezela abesifazane namantombazane asezindaweni ezisemakhaya.
“Abantu besifazane basemakhaya nabaselokishini bacishe babhekane nezingqinamba ezifanayo kodwa laba abasemakhaya kuba nzima kakhulu kubona. Kimina, enye yezinto eziyinkinga kakhulu okufanele kuliwe nayo wukukhulelwa kwezingane zisafunda, wukusetshenziswa kwezidakamizwa nokungalingani phakathi kwabantu besifazane nabesilisa. Ngisho kungathiwa yiselokishini noma yisemakhaya abantu besifazane nabesilisa abanikwa amathuba afanayo - lokhu kufanele kushintshe ukuze kuthuthukiswe abesifazane,” kusho uGoldgirl.
Uthe abanye bakholwa ukuthi akubalulekile ukulwela amalungelo abesifazane ngoba bethi ngeke kushintshe lutho kodwa yena akakholwa yilokho.
UGoldgirl, othole leli thuba ngokuba yingxenye yohlelo olucija abesifazane olwaziwa ngeWomen’s Leadership and Training Programme, uthe uzimisele ngokusebenzisa lonke ulwazi azoluthola ukufukula abesifazane.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo usanda kuhambela esikoleni salo mfundi eyomhalalisela ngokuqokwa kwakhe emfisela nendlela enhle ohambeni lwakhe.