ASHAYA amakhala amalungu ePhalamende ngohlelo lokugunyazwa kwabokufika ababalelwa ku-3 000, ukuthi babe nezipaza. Babuza ukuthi ngabe kwalandelwa yonke imigudu yezomthetho ngaphambi kokuthola lezi zimvume?
Amalungu asola ukuthi abokufika bagwaza ukuze bagunyazwe futhi asola nokuthi basebenzisa abantu bakuleli ukuthi bababhalisele izitolo.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uvele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende ngezakamuva ezithinta ukubhaliswa kwezitolo kuleli.
Uhulumeni waqala uhlelo lokubhaliswa kwezitolo ama-spaza shop, emva kokushona kwezingane kusolwa ukuthi zidle ukudla okunoshevu okudayiswa kulezi zitolo.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi kwafakwa izicelo ezingu-87 407 wezicelo zokubhaliswa kwezitolo kusuka ngoJulayi 1, 2024 kuya kuFebhuwari 28, 2025.
Kulezi zicelo kugunyazwe ezingu-23 072, kanti kulezi ezingu-2 977 ezabantu bokufika.
Ilungu lekomiti uNkk Nombiselo Sompa-Masiu, lithe alikholwa ukuthi bonke abokufika abagunyaziwe balandele imigudu yezomthetho.
Likhale nangokuthi abanye bokufika abanalezi zitolo abayikhokhi ngisho intela, inzuzo abayenzayo bayiyisa emazweni abo.
"Ngiyasola ukuthi akubona bonke abokufika abalandele yonke imigudu ebekiwe ukuze bathole izimvume zokuba nama-spaza shop. Sifuna ukwazi ukuthi ikuphi okuzokwenzeka kulabo abazotholakala besebenza ngaphandle kwezimvume," usho kanje.
UMnuz Zwakele Mthethwa elinye ilungu lekomiti, ukhale ngokuthi awulandelwa umthetho uma kuvulwa izitolo emalokishini.
"Uvuka sekukhona ubhazabhaza we-container ongazi ukuthi ufike nini. Akulandelwa imigudu uma kuvulwa lezi zitolo ezithe chithi saka emalokishini."
UNksz Hlengiwe Mkhaliphi we-EFF, uthe bafuna ukwazi ukuthi kwenzakalani ngalaba okwafa izingane ngemuva kokuthenga ukudla kulezi zitolo.
Uthe bayazi ukuthi abanye abantu bakuleli basiza abantu bokufika ngokuthi babafakele izicelo zokuthi bavule lezi zitolo.
"Nentela abayikhokhi abokufika bathatha imali bayiyise emazweni abo. Sifuna ukwazi ngempela ukuthi kwenzakalani ngababulala izingane ezathenga ukudla kulezi zitolo," usho kanje.
UMqondisi jikelele eMnyangweni uMnuz Mbulelo Tshangana, uthe bayazi ukuthi kukhona abakuleli abasebenzisana nabokufka ukubasiza bababhalisele izitolo.
Uthe indaba yezitolo nomkhonyovu othinta ubunikazi bazo kuyinkinga enkulu ebaphathisa ngekhanda.
"Angicabangi ukuthi ngaphansi kwalolu hlelo esilwenzayo sizozixazulula zonke izinkinga ezikhona. Umsusa wayo yonke lento wukushona kwezingane ezindaweni ezehlukene emva kokudla ukudla okudayiswa kulezi zitolo emalokishini," usho kanje.
Iningi lezicelo zama-spaza shop zivela eGauteng naKwaZulu-Natal.
UTshangana uthe bazogxila kuzona zonke izitolo ezidayisa ukudla ukuze kungashoni abantu abazothenga ukudla kulezi zitolo.
Uveze ukuthi ezicelweni abazitholile ezingu-32 824 ezabokufika kuleli.
"Abazotholakala besebenza ngaphandle kwezimvume, umthetho uzothatha indawo yawo. Kunezitolo esezivaliwe kwaboshwa nabathile kodwa lolu lwazi lusohlakeni iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS).
UNgqongqoshe womnyango uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe abazange basilule isikhathi sokubhaliswa kwama-spaza shop kuleli.
Uthe abangazange bagunyazwe abakwazi ukuqhubeka nokusebenza kodwa basangaya komasipala bayofaka izicelo.
"Uma ulala uvuka usufuna ukuvula ibhizinisi, ungaya komasipala uyofaka isicelo. Uma usugunyaziwe uyakwazi ukusebenza. Nangonyaka ozayo ungakwazi ukuya kofaka isicelo sokuvula isitolo, akuvaliwe lokho," kusho uHlabisa.