ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini, sikhwele sadilika kubantu bakuleli sathi bangothathekile abahamba bedlala abantu.
Sikhale ngokuthi kufika abantu beqhamuka kwamanye amazwe bafike bavule amasonto bese kuyagcwala.
“Namhlanje sinenkinga, maningi amabandla. Ngoba ningothathekile, kufika izigebengu zithi ziyanithandazela, zithi uma sezikhuluma izilimi zazo nithi hawu sekwehla impela imimoya, awulwazi ulimi lwalo muntu, kusasa kuqhamuke izingane zithi kade esidlwengula,” kusho iSilo.
Sithe abantu manje basungula amabandla ukuze benze imali.
ISilo sithe asikhumbuli nangelilodwa ilanga kuthiwa uJesu wake weba imali kodwa manje abaholi bamabandla bahlale besolwa ngokuqola abantu.
Sithe inkinga, abefundisa bagxisha abantu ngezwi likaNkulunkulu bebe belambile.
“Abantu asibagxishe ngezwi likaNkulunkulu kodwa ezinqolobaneni sibe sazi ukuthi kukhona ukudla ngoba uma ugxisha abantu ngezwi belambile bagcina sebekhalaza bethi lo mfundisi uyasibambezela ngabe siya kwabani siyobamba iyambazi,” kusho iMbube.
Sikhulu isikhalo ngabefundisi bangaphandle njengoba omunye wabo uTimothy Omotoso namanje esatokile ngenxa yezinsolo zokudlwengula abazalwane.
U-Omotoso osehlale esitokisini cishe unyaka wonke, wabanjwa ngamaphoyisa esezama ukweqa lapha eNingizimu Afrika esephindela ezweni lakhe eNigeria.