ISILO uMisizulu kaZwelithini, sinxusa isizwe samaZulu ukuthi sibumbane sigweme ukuba yinhlekisa emhlabeni.
Besikhuluma izolo emkhulekweni wokukhumbula uninakhulu uNdlunkulu Thomazile Jezangani kaNdwandwe, eMkhumbane Freedom Park, eMayville, lapho sibeke izimbali elibeni lakhe.
“Thina KwaZulu, saziwa kakhulu ngenhlonipho, ngakho kubalulekile ukuthi sibumbane singahlekwa ngezinye izizwe. Kasihlukane nokushisa izinsiza zikahulumeni ngoba sikhalela esingenakho,” kusho iNgonyama.
Sigxeke kakhulu izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, esikubize ngechilo sathi kuyisenzo esingemukelekile ukushaywa kwabantu besifazane.
Amathambo endlovukazi, ongunina wesilo esikhotheme uZwelithini kaBhekuzulu, ambiwa akhwezwa kabusha ngo-2011 eMkhumbane, ngenxa yokuthi wayengcatshiswe okomuntu ojwayelekile elibeni elalingamakwe ngalutho, ngenkathi ekhothama ngo-1958.
Wayengunkosikazi wesibili wesilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon, kanti kuthiwa wayengomunye wabesifazane ababeyizishoshovu, eMkhumbane, elwela amalungelo abantu ngezikhathi zobandlululo.
Umkhulueko bewuhanjelwe ngabakwaNdwandwe, abaqale ukuyokhuleka elibeni lendlunkulu, uSihlalo weNdlu yamakhosi KwaZulu-Natal inkosi Phathisizwe Chiliza, uNdlunkulu wesilo uNtokozo kaMayisela, abantwana basendlunkulu namakhosi ehlukene noMasipala weTheku.