ISilo Samabandla uGoodwill Zwelithini siphonsele inselelo uMnyango wezeMfundo nosomabhizinisi ukuthi bafake imali ekulekeleleni izinhlelo zokulondoloza izilimi zomdabu.
ISilo besikhuluma izolo eThekwini emcimbini wokugubha iWorld Dictionary Day, obekwethulwa khona nesichazamazwi esinezithombe. Lesi sichazamazwi esibhalwe nguDkt Mpumelelo Mbatha onguMhleli omkhulu wePan South African Language Board (Pansalb), senzelwe abafundi bamabanga aphansi bakaGrade R kuya kuGrade 3. Senziwe ngendlela ehlukile njengoba amazwi echazwa ngezithombe ukuze izingane zisheshe ziqonde incazelo. ISilo sibonge uMbatha nePansalb, saphonsela inselelo nabanye ukuthi babhale umlando nezinye izichazamazwi ukuze ulimi lungafi.
“Ngiyabona sezibhaliwe izichazamazwi kodwa umbuzo enginawo uthi zifakwa nini ezikoleni. Osomabhizinisi abayeke ukusiqhoshela ngemali abanayo. Kodwa behluleka ukuxhasa izinhlelo zokuthuthukisa izilimi zethu. UMnyango wezeMfundo awufake imali ukuze wonke umfundi abe naso lesi sichazamazwi,” kusho iSilo.
Sinxuse iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda obekhona emcimbini, ukuthi adlulisele kwezinye iziphathimandla kudingidwe ukuthi kufakwe imali ukweseka umsebenzi kaMbatha, esithembise ukuthi naso sizolekelela. ISilo sithe akekho omsulwa ekubulaleni izilimi zesintu.
“Nathi emakhaya siyaxuba nje kube yisijabane. Kungcono nesijabane ngoba siyadleka. Lokhu esikwenza ngolimi lwethu akuchazeki,” kusho iSilo.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, uthe bazimisele ukuqhakambisa izilimi zesintu nokukhuthaza ukuthi izingane zifunde ngokuqonda. Uthe kungamjabulisa ukuthi kwenziwe nesichazamazwi esizohumusha ngezilimi zomdabu kuphela.
“Kungangijabulisa ukubona isichazamazwi esihumusha ngesiZulu amagama esiVhenda. Lokhu kungagwema ukuthi sithi sihlangene singabamnyama kodwa siphoqeleke ukukhuluma isiNgisi ngoba singezwani ngezilimi zethu,” kuchaza uMshengu.
Ungqongqoshe uthe emkhankasweni okhuthaza ukufunda, bafaka nesiNgisi ngoba yilona limi lokuhweba njengoba lukhulunywa wonke amazwe.
UKaunda ukhale ngomkhuba wokwebiwa nokucekelwa phansi kwezincwadi emitapweni yolwazi, athe sekudle umasipala uR3 million.
Echaza ngomlando weDictionary Day, uDkt Mbatha, uthe isichazamazwi sokuqala sesiZulu kuphela sabhalwa ngo-1982 sinamagama angu-3 600. Uthe kwalandela esango-1985 esinamagama angu-6 000. Ugcizelele ukuthi isiZulu yisona esinabantu abaningi abasikhulumayo kodwa abanikazi baso basibukela phansi.
“Izibalo zikhomba ukuthi ukukhulunywa kwesiZulu kwehle ngephesenti elilodwa. Yithina esehlisa ukukhulunywa kwaso ngoba sesikhuluma isiNgisi,” kusho uMbatha.
IDictionary Day igujwa umhlaba wonke ukuhlonipha uMnuz Noah Webster waseMelika owaqala umsebenzi wezichazamazwi.