KUDUME ihlombe e-ICC uBabes Wodumo ethelelana amanzi nomamezala wakhe emuva kwamahlebezi okuthi ababhekani futhi bayaphambana nangembono ngezinhlelo zomngcwabo womyeni wakhe uMampintsha. Lesi bekukungesona isigameko sokuqala sokuxabana kwabo, nokuzokhumbuleka ukuthi phambilini baze baqopha amavideo asabalala ezinkundleni zokuxhumana bechaphana ngenhlamba, yize kunjalo kodwa uBabes Wodumo umqinisekisile umamezala wakhe ukuthi okudala kudlulile.
" Mama maGumede ngicela ukuhlambuluka, ngicela ukukuxolela zonke izono zakho ngoba ngizalwa umfundisi ngisindisiwe. Ngiyakuxolela ngicela lento esixabanisayo iphele namhlanje," kuzehlisa uBabes Wodumo kuduma inhlokomo e-ICC.
Kuzokhumbuleka ukuthi nasohlelweni lwethelevishini Uthando Lodumo bake bahlambukelana baze bagezana ngezilwane ezahlukene nobekulokhu kuvela amavideo abo ezinkundleni zokuxhumana afakazela ukuthi bakhumelana umlotha ngokweqiniso. Kumangaze abaningi ukuvula kwezindaba zakamuva zokungabhekani kwabo. UBabes Wodumo akagcinanga ukusho ngomlomo kodwa uphinde wamanga umamezala wakhe kubuka bonke abantu ebebethamele umngcwabo.
UBabes Wodumo phinde wabonga ozakwabo kaMampintsha ikakhulu uDj Tira noDanger ngokukhombisa utahndo kumyeni wakhe. Uphinde wabanxusa nokuthi bangamlahli kwazise basendimeni efanayo yomculo.
" Ngifisa iWest Ink iqhubeke sisebenze, ngicela Tira ungangilahli, nawe Danger ngicela ungangilahli," kuzithoba uBabes Wodumo.